Usuthu lufuna ukuyiphendula u-alubhadwa iKings Park

UThapelo Xoki waMaZulu FC

OKADONGA GUMBI

Izogcina iphenduke u-alubhadwa, indawo esatshwayo oya kuyo uqhaqhazela iKings Park Stadium uma kuya ngokufisa kwaMaZulu FC afuna ukushaya kwasani ezobeka umcondo wayo kule nkundla.

Usuthu lusemfuthweni omuhle kusukela kwafika uBenni McCarthy wabekwa njengomqeqeshi, futhi yikho lokhu okwenza umdlali wasemuva, uThapelo Xoki abone kuzoba lula ukuthi babhuquzise amaqembu amaningi, ikakhulukazi ekhaya.

UXoki uthi bazosebenzisa umdlalo wabo weDStv Premiership abaqhathwe kuwo neSuperSport United ukubuyela emgqigqweni wabo ngemuva kokwehlulwa yiBlack Leopards kwiNedbank Cup ngempelasonto.

“Umdlalo obalulekile lona kithi,” kusho uXoki. “Usinika ithuba lokusheshe sijike izinto njengoba sihluliwe ngempelasonto, sibuyele emgqigqweni wethu ebesihamba ngawo kwiligi.”

Emidlalweni emihlanu yakamuva kwiligi, Usuthu luwine emine, lwadlala ngokukingana kowodwa okulithathe kwalikhweza endaweni yesithupha kwilogi.

Seluqoqe amaphuzu angu-25 emidlalweni engu-17, kanti lusalele emuva ngayisishiyagalombili kuMatsatsantsa a Pitori, nangu-11 kwiMamelodi Sundowns okuyiyo ezihola phambili.

“Besenza kahle kakhulu kwiligi emidlalweni embalwa edlule kanti irekhodi lethu uma sisekhaya lihle, futhi sifuna ukuligcina bese senza iKings Park ibe ngu-alubhadwa,” kuqhuba le nsizwa ezalwa eKhayelitsha, eKapa.

AmaZulu ayivova inkani iSuperSport ingakubo emzuliswaneni wokuqala weligi, nokho kwala inhlanhla njengoba bagcina becazelana amaphuzu umdlalo uphela ngo 1-1.

“Siyakhumbula sidlala nabo ngoJanuwari futhi kwakumele sibashaye ngoba sasibacindezele. Sasingabashaya ukuba senza izinto ngendlela efanele,” kukhumbula uXoki, oneminyaka engu-25.

“Uma singakwenza kahle konke kulokhu, silandele imiyalelo yabaqeqeshi njengoba injalo, nginethemba elikhulu lokuthi singabahlula. Kumele sizinikele, silwe,” kucacisa yena.

Email: Editor@impempe_com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *