Usuthu luguqise iHoroya koweChampions League

Usuthu luguqise iHoroya koweChampions League
ULuvuyo Memela
Sihle Ndlovu
AmaZulu FC athole amaphuzu amathathu abalulekile ngesikhathi eshaya iHoroya yaseGuinea ngo 1-0, emdlalweni weCAF Champions League eMoses Mabhida Stadium ngoLwesihlanu ebusuku.
Leli qembu laseThekwini belikudinga lokhu ngemuva kokuqala imidlalo yamaqoqo ngokushaywa yiRaja Casablanca emasontweni edlule.
Usuthu beluyinyathela kamnandi ngesiwombe sokuqala kodwa lufike luhluleke uma selufike phambili.
Ngomzuzu ka-20 u-Abraham Majok bekumele alibeke phakathi kodwa wakhahlela isithuphuluzana.
Ngasohlangothini lweHoroya ibiyingozi kakhulu ngakwesokunxele lapho bekugijima khona uMorlayes Sylla. Kugcine kulungile kuMaZulu ngesikhathi uLuvuyo Memela eshaya igoli ngomzuzu ka-31.
UMemela ushaya leli goli nje udlalelwe kahle uMajok, odonse abadlali beHoroya ephethe ibhola, lagcina lithole uMemela ebhokisini walibhakela lakhala phakathi.
FUNDA NALA: UKelehe akeneme ngokwenyuswa kwemali yokungenela iComrades
Ngesiwombe sesibili iHoroya ibuye isivutha bhe kodwa wala ukudedela igoli uVeli Mothwa.
Ngomzuzu ka-79 umdlalo uke wama kancane ngesikhathi kushayisana uNaby Soumah noPhilani Zulu. USoumah akabange esabuyela enkundleni.
IHoroya ibisilifuna ngenkani emizuzwini yokugcina, ifika emapalini oSuthu kuvalwe amehlo. Nokho Usuthu lukwazile ukubambelela, asala ekhaya amaphuzu amathathu. Ukuwina kwaMaZulu kuwanyusele endaweni yesibili kwilogi eqoqweni lawo.
editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.