Usuthu lulobizela iwini yokuqala onyakeni kweyeligi

UPhilani Zulu

 

Sihle Ndlovu

AmaZulu FC azozama ukuthola iwini yokuqala kulo nyaka emidlalweni yeDStv Premiership uma esebhekene neStellenbosch FC eMoses Mabhida Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ntambama.

Lokhu kugcizelelwe umdlali wasemuva waleli qembu, uPhilani Zulu, okholwa wukuthi imidlalo yeCAF Champions League iyabagqugquzela kakhulu ukuthi babheke phambili.

“Uma ngicabanga asikawuwini umdlalo weligi kulo nyaka. Kuzosigqugquzela ukuthi sithathe okuhle esikutholile emdlalweni odlule siye nakho kwiStellenbosch,” kusho uZulu.

“IStellies akulona neze iqembu elilula. Nayo iyiqembu elizimiselayo elidlala ibhola elihle njengendlela nathi esidlala ngayo. Kukithina ukuthi sidlale ngendlela efana nesidlale ngayo emdlalweni esiphuma kuwona.”

Usuthu lwenza kahle kwiChampions League kulandela ukuwina imidlalo emibili ilandelana. Luqale lwashaya uHoroya AC ngo 1-0 lwase luphinde lushaya i-ES Setif ngo 1-0.

“Singabadlali neqembu lonke sijabule ngomphumela womdlalo ebesiwudlala neSetif, nokuthi sikwazi ukuwina ekhaya,” kusho uZulu.

“Nalokho kuyasigqugquzela ukuthi umdlalo olandelayo siye kuwona sesizimisele, sekunento esijabulisayo.”

AmaZulu agcine ebambane ngo 0-0 neTS emdlalweni weligi odlule. Ngaphambi kwalokho abegcine eshaywe yi-Orlando Pirates ngo 2-1 ngoDisemba.

Ngasohlangothini lweStellies igcine ibambane ngo 1-1 neSwallows FC ngoFebhuwari 16.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.