Usuthu lunegqubu neSekhukhune eyabeyisa ibashaye bekhishwa yizisu

Usuthu lunegqubu neSekhukhune eyabeyisa ibashaye bekhishwa yizisu
Alfred Ngubane 

Ukubeke kwacaca uSiyabonga Nomvete oyiphini lomqeqeshi kuMaZulu FC ukuthi baya empini njengoba bezogadulisana neSekhukhune United emdlalweni weDStv Premiership nje.

Lamaqembu azokhiphana inkani eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo 5 ntambama emdlalweni okulindeleke ushube ngenxa yokusongelana osekukhona.

UNomvete uthi abeSekhukhune babachomela kakhulu ngesikhathi bebahlule emdlalweni womzuliswano wokuqala eGoli ekubeni babebathole bezikhishelwa yizisu.

“Kwaba nokudelela okukhombisa ukungsihloniphi ngoba nakhu besishayile,” kubeka le nsephe eyayingalibheki ipali ngezikhathi zayo. 

“Lo mdlalo sasiwudlala siqeda ukubuya ngaphandle emdlalweni weChampions League, sikhathele ngenxa yokuhamba uhambo olude.

“Basithoal ke ngenxa yalokho. Ngaphezu kokukhathala sasivele sigula ngoba sathola ukuthi sasifakelwe ubuthi ekudleni le eCongo.

“Babezama ukusikhubaza ukuze sidlale sikhishwa yizisu. Sonke abadlali nabaqeqeshi sasikhishwa yizisu, sasingekho  esimweni esifanele.

“Lento yaqala sisekhempini eGoli abadlali abane bakhala ngokukhishwa yizisu, kwathintwa udokotela wabayalela umuthi abangazama ukutyhiba ngawo.

“Ngakusasa savuka sonke sesikhishwa yizisu. Kwayena udokotela wathi efika wakhala ngaso, kwacaca ukuthi besifakelwe ubuthi le eCongo.

FUNDA NALA: Isikhulu seSwallows sibhuqe uTruter simfanisa nengulube

“Bona ke basithola sikuleso simo sokuthi sidlala nje kade sikhishwa yizisu futhi sikhathele, situbekile kwaba lula ke ukuthi basishaye,” kuchaza le nsizwa eyaziwa ngelikaBhele.

Uthi njengoba ke iSekhukhune iza eThekwini nje kumele yazi ukuthi eyamadoda ayipheli ngoba bafuna ukubuyisa izinduku.

“Manje njengoba beza lana nje lo mdlalo siwuthatha njengowamanqamu – yimpi ngoba kumele siziphindiselel njengoba baseyisa nje ngemuva kokusishaya.

“Babesho zonke izinto baze bakhulume ngokuthi abadlali abathile babo bazoya phesheya ngenxa yokudlala kahle kwabo behula thina.

“Kodwa sakuthatha ngokuthi yinto yasebholeni vele ukuchomelana uma kukhona ohluliwe emdlalweni – vele uma uwinile usho noma yini,”  kusho yena.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.