Usuthu luphethe uhambo lweChampions League ngendlela ehloniphekile

Sihle Ndlovu

AmaZulu FC avalelise kwiCAF Champions League ngokubambana neHoroya AC, yaseGuinea, ngo 1-1, eGeneral Lansana Conte Stadium, ngoLwesihlanu.

Ithemba loSuthu lokudlulela phambili bese lingekho kulandela ukushaywa yiRaja Casablanca ngo 2-0 ekhaya. Lokhu bekuchaza ukuthi Usuthu bese kumele luthembele kwamanye amaqembu ukuze ludlulele kuma-quarterfinal.

Iphuzu elitholwe AmaZulu lifane nokuchitha amanzi olwandle, kanti bekuyinto efanayo nakwiHoroya, njengoba nayo ingeke idlulele phambili.

AmaZulu abedlala ngokungesabi kukhombisa ukuthi ake alishaya ngo 1-0 leli qembu ekhaya, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Nokho bekuvalwa amehlo uma iHoroya seyihlasela. Ukukhululeka kakhulu koSuthu kwenze ukuthi lwenze iphutha emuva.

Ibhola lizithele kuDramane Nikiema walibeka phakathi ngomzuzu ka-45. Leli yiphutha elibacanula kakhulu abaqeqeshi ngoba abathandi amaqembu abo adedele amagoli sekuzoyiwa ekhefini.

Luphinde lwaqhubeka nokudlala kahle Usuthu ngesiwombe sesibili. Lokhu kuholele ekutheni iHoroya kube iyona eyenza iphutha elikhulu.

Umdlali wasemuva weHoroya uSalif Coulibaly, ulingqofele ngasekhaya kwaba ngu 1-1 ngomzuzu ka-48. UCoulibaly uyena vele obephasele AmaZulu ibhola njengoba egcine elihlohle ngasekhaya.

Usuthu seluzogxila emidlalweni yeDStv Premiership lapho belungenzi khona kahle kule sizini. Lokhu kuze kwaholela ekutheni kukhonjwe indlela obengumqeqeshi uBenni McCarthy.

Izintambo sezibanjwe uBrandon Truter kuze kuphele isizini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.