Usuthu luqhubekile nokuqhoboza lushaya iGalaxy kalula

ULehlohonolo Majoro

OKADONGA GUMBI

Abuyele endaweni yesibili kwiDStv Premiership AmaZulu FC ngemuva kokushaya kalula iTS Galaxy ngo 2-0 eJonsson Kings Park Stadium, eThekwini ngoMgqibelo kusihlwa.

Usuthu seluphinde lwafaka iMamelodi Sundowns ingcindezi njengoba selunciphise igebe ezihola ngalo phambili kwaba ngolwamaphuzu amathathu yize ezaseChloorkop zisenemidlalo emithathu eziyigodle ekhwapheni.

Kucace ngomzuzu ka-33 ukuthi iGalaxy izophindela ekhaya ishwiba izandla, ifike ifane nengane ephucwe uswidi, itshele umphathi uTim Sukazi ukuthi Usuthu luhlekise ngayo emaphakathini.

Kungalesi sikhathi la uLehlohonolo Majoro adabule khona inethi, ebeka Usuthu phambili ngo 1-0, ngemuva kokuthi bese beshwebe amanye amathuba amahle.

Uphinde wabuya lo mdlali ozakwabo abambiza ngo’Major’, wabeka Usuthu endaweni enhle yokuthi liwagcine wonke amaphuzu ngegoli lesibili ngomzuzu ka-42.

Ngemuva kwekhefu, iGalaxy ibuye seyicasukile, ifuna ukuphendula amatafula, isibuya iphindelela emapalini oSuthu.

Nokho ifice ezikaBenni McCarthy sezikhiye wonke amasango qede zathatha isikhiye zasitshinga esizibeni esijulile la bekumele isilande khona ukuze ithole igoli.

Khonamanjalo, iCape Town City ikhumbuze iTshakhuma Tsha Madzivhandila ukuthi ukushaya kwayo iMamelodi Sundowns kwiNedbank Cup akusho lutho, iyishaya ngo 3-0 emdlalweni weDStv Premiership ngawo uMgqibelo kusihlwa.

Amagoli eCitizens ashaywe ngoTashreeq Morris oshaye amabili noFagrie Lakay ovalele phakathi iphenathi sekusesikhathini esengezwe ngunompempe.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.