Usuthu lusophe ukuwuqala ngewini umkhankaso weChampions League

Usuthu
Abadlali baMaZulu FC
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Instagram

UBenni McCarthy oqeqesha AmaZulu FC uyavuma ukuthi kuzoba wumqansa ongakhwelwa mbongolo ukubhekana neqembu abangalazi.

Usuthu luzoqala umshikashika weCAF Champions League njengoba luzobhekana neNyasa Big Bullets yaseMalawi emdlalweni womlenze wokuqala wokuhlunga.

Umdlalo useMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoLwesihlanu kanti uqala ngo-5 ntambama. Usuthu luzobe luqala ngqa ukudlala kwiChampions League emlandweni walo.

“Kunzima kona ngoba uma udlala neqembu ongalazi awazi ukuthi kumele ulindeleni. Awazi ukuthi bamandla kuphi, bashesha kangakanani… yonke leyo nto,” kusho uMcCarthy.

“Ngenxa yalesi simo kumele uthembele kuma-video owatholayo emidlalweni yeligi yaseMalawi. Akwanele kithina lokhu.

“Kodwa uma udlalela ekhaya wenza isiqiniseko sokuthi ukuqina kwezitha akukugqilazi futhi akugcini kujezisa wena.”

Nokho uMcCarthy uthe bazamile ukuzilungiselela ngendlela yokuthi bazazi izitha abazobhekana nazo.

“Sibheke ukuthi baqine ngakuphi, iqembu lethu lizilungiselele ngakulolo hlangothi. Sizamile ukuthi sibuke imidlalo yabo emithathu sabona ukuthi bayiqembu elikhulu futhi badle ngezikhwepha.

“Kumele sibaqaphele kuma-free kick namakhona ngoba bade kunathi futhi bayakusebenzisa kakhulu ukuthi baqatha.

“Lokhu kuzosiphathisa ngekhanda kodwa nathi kumele sikusebenzisa ukuthi abasheshi. Abakwazi ukubhekana nabadlali abajikanayo.

FUNDA NALA: U-Ashworth ufuna ukuyelamanisa ngezindondo ezinkulu iComrades Marathon

“Lapho ke thina eNingizimu Afrika sinalelo khono. Lapho beqine khona sizozama ukuthi sisebenzise lokho njengobuthaka babo.”

UBenni uveze ukuthi ufuna iNingizimu Afrika iziqhenye ngoSuthu njengoba kwenze iBafana Bafana ibhekene neGhana emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022, ngoMsombuluko.

IBafana iwine ngo 1-0 kulo mdlalo kanti uBenni akukho okunye akufunayo ngaphandle kokushaya leli qembu laseMalawi ngoLwesihlanu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.