Usuthu luthi luzojika amatafula luThwahlaze iRoyal AM

Usuthu luthi luzojika amatafula luThwahlaze iRoyal AM
UVeli Mothwa
Sihle Ndlovu

AmaZulu FC asebheke ukuthela othulini iRoyal AM emdlalweni womkhaya waKwaZulu-Natal, weDStv Premiership ngeSonto ngo-3 ntambama, eChatsworth Stadium.

Lokhu kulandela ukuthi Usuthu lushaye iMaritzburg United ngo 1-0 komunye umdlalo womkhaya waseKZN ngempelasonto edlule.

Unozinti waMaZulu, uVeli Mothwa, uthe ukubheke ngabomvu ukuthi batholane phezulu neThwihli Thwahla, futhi bafuna ukushaya amagoli amaningana.

“Kuzoba umdlalo omkhulu, omunye umdlalo womkhaya waseKZN. Sisanda kubuya emdlalweni womkhaya waseKZN lapho besibhekene neMaritzburg,” kusho uMothwa.

“Kuzoba umdlalo omnandi kodwa onzima. Sizobona ukuthi ubani okukhala isicathulo sakhe eKZN ngemuva kwalo mdlalo.”

IRoyal abazobhekana nayo ayigayelwa mphako eChatsworth Stadium, lapho ingakashaywa khona nakanye selokhu kuqale isizini.

“Sithemba ukuthi sizowathola amaphuzu amathathu. Siwulungele ngayo indlela umdlalo futhi le midlalo emibili esiyidlalile iyasigqugquzela ngoba besilokhu sidlala kwiDStv Premiership singawini.”

FUNDA NALA: UPitso usebheke ekuqopheni umlando kwiChampions League

Ngaphambi komdlalo Usuthu eliwudlale neMaritzburg lushaye iBaroka FC ngo 1-0 ekuhambeni.

“Le midlalo emibili esiyidlalile sayiwina, isinike ukuzethemba ukuthi singayishaya iRoyal AM ngeSonto,” kusho lo nozinti.

“Wonke umuntu uzimisele ukusebenza kanzima enzele iqembu. Ngicabanga ukuthi lo mdlalo owamagoli, kumele sishaye amaningi bashaye amancane noma bangatholi lutho.

“Njengonozinti kumele ngizame ukuqhubeka nokungangenelwa yigoli.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.