Usuthu luxhoshwe ‘upelepele’ ludliwa yiBucs koweligi

UKwame Peprah ejabula noDeon Hotto

 

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

AmaZulu FC axhoshwe ‘upelepele’ ahluleka ukuzinika ngokudla obekuphambi kwawo ebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni weDStv Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesine.

Usuthu beluye kulo mdlalo luhambela phezulu ngemuva kokushaya iMamelodi Sundowns ngo 1-0 ngoMsombuluko eThekwini. Lukubonisile ukuthi lufuna amaphuzu aphelele Usuthu ngesikhathi lushaya igoli ngomzuzu wesine ngonyawo lukaLuvuyo Memela.

UMemela ubephakelwe ibhola elihle uThabo Qalinge, wangalenza iphutha walibeka enethini. Ngemuva kwalokho AmaZulu acishe ashaya igoli lesibili kodwa kwangavuma.

Kube  sekufika isikhathi sokuthi uKwame “Pelepele” Peprah akhombise ukuthi yini asayiniselwa kwiBucs. Ngomzuzu ka-37 lo mgadli ushaye igoli kwaba ngu 1-1.

Isiwombe sesibili siqale kungaMaZulu abehlasela efuna igoli lokuhamba phambili okwesibili. Lapho bese kungene u-Augustine Mulenga obe yiqhawe beshaya iSundowns ngoMsombuluko, ngegoli alishaye esanda kungena.

Izinto zivele zashintsha ngomzuzu ka-48 ngesikhathi ebuya futhi uPelepele eshaya igoli lesibili, yahamba phambili okokuqala iBucs. Lo mdlali bese kungokwesibili eshaya amagoli amabili imidlalo ilandelana.

NgoMsombuluko kube wuPelepele obuyise iPirates emdlalweni, eshaya amagoli amabili kade ilandela ngemuva ngo 1-0 bedlala neMarumo Gallants. IBucs igcine iwine lowo mdlalo ngo 2-1 ngenxa  yakhe lo Pelepele.

IPirates icishe yashaya igoli lesithathu ngomzuzu ka-72 kodwa ibhola likaTerrence Dzvukamanja lashaya epalini, lase libuyela enkundleni. AmaZulu awatholile amathuba amahle okuthola igoli lokulinganisa kodwa izinto zangawavuma.

Ngokuwina lo mdlalo iBucs ibuyele endaweni yesibili kwilogi yePremiership.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER@impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.