Usuthu luyifuna esitikini iKaizer Chiefs elukweletayo

Usuthu luyifuna esitiniki iKaizer Chiefs elukweletayo
UThembela Sikhakhane
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UThembela Sikhakhane waMaZulu FC uthi iKaizer Chiefs iyabakweleta ngakho kumele nakanjani bayishaye emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu.

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weligi okulindeleke ukuthi uvuthe eFNB Stadium ngo-5 ntambama.

Kusobala ukuthi akwehlanga kahle ukubambana naMakhosi ngo 1-1 kubadlali boSuthu, ngoba kwase kusele
amanenjana ukuthi umdlalo uphele, iChiefs yathola iphenathi.

“Nakanjani lona ngumdlalo omkhulu kakhulu. Umqeqeshi (uBenni McCarthy) nathi singabadlali, asifuni nakancane ukushaywa kulo mdlalo,” kusho uSikhakhane.

“Wonke umuntu uyazi ukuthi iKaizer Chiefs iyasikweleta.

“Bathola iphenathi ekugcineni futhi sasingakholwa ukuthi kwakuyiyona ngempela iphenathi.”

Le phenathi yabekwa phakathi umdlali osefomini weChiefs uKeagan Dolly, amaqembu acazelana amaphuzu.

Unompempe owayedlalisa lo mdlalo uJelly Chavani, wamiswa amasonto ayisithupha engadlalisi kwiPremiership ngalesi sinqumo.

“Wonke umuntu eqenjini uwulinde ngabomvu lo mdlalo.

“Asifuni ukushaywa kulo mdlalo futhi umqeqeshi usitshele ukuthi kumele sibhukule, isitimela kumele sihambe manje njengasenisizini edlule.

“Asikwazi ukushaywa kulo mdlalo.”

Usuthu lukhombisile ukuthi luyalwa emdlalweni odlule ngesikhathi lugcina lubambana neStellenbosch FC ngo 2-2.

Lwalukade selulandela emuva ngo 2-0 sekusele imizuzu engu-20 kuphele umdlalo.

Kuzomele lulwe ngendlela efanayo eFNB Stadium, ngoLwesithathu.

“IStellenbosch iyiqembu elihle kakhulu, ilaphaya kwiTop 3 njengamanje.

“Sihlale sinakho ukulwa selokhu siye e-Afrika emidlalweni yeCAF.

FUNDA NALA: UDomingo ukhalela amaphuzu abawadedelile, ufuna bawakhokhe kwiSuperSport

“Into eyinkinga nje ukuthi siyehluleka ukugcina umgqigqo wethu emidlalweni,” kusho uSikhakhane.

“Sifike siwine komunye umdlalo bese sishaywe komunye, siphinde sidlale ngokulingana kolandelayo.

“Okumele sikwenze njengamanje ukugcina umgqigqo wethu. Ngaphandle kwalokho ngijabule kakhulu ngamajita.

“Indlela esilwe ngayo sibhekene neStellenbosch yinhle kakhulu. Ngicabanga ukuthi sizokwenza okufanayo ngoLwesithathu eFNB, bese sibuya namaphuzu aphelele.”

Emdlalweni odlule Amakhosi abebhekene nelinye iqembu laKwaZulu-Natal iMaritzburg United, ayishaye ngo 1-0 eMgungundlovu.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *