Usuthu luyigobe inkani iStellies lugoloza ukuhlulelwa ekhaya

Usuthu luyigobe inkani iStellies lugoloza ukuhlulelwa ekhaya
OkaDonga Gumbi

Ukubuya kade eselandela ngemuva kuze kube kabili kwaMaZulu FC ebhekene neStellenbosch FC kukhombise ukuzinikela kwabadlali baleli qembu.

Lokhu kufanele ukuba kuzomthokozisa umqeqeshi uBenni McCarthy njengoba Usuthu lukhombise ukungalilahli ithemba.

Nokho indlela abangenelwe amagoli ngayo kufanele ukube izomkhathaza ngoba ngeke kuhlale kuba lula ukubuya ngendlela okwenzeke ngayo kulo mdlalo weDstv Premier eMoses Mabhida Stadium ngoLwesithathu ntambama.

Uzakwabo weStellies uSteve Barker naye kufanele ukube ujabulile ngokuphuma nephuzu kulo mdlalo obungelula futhi besekuhambeni.

Nokho naye, njengoMcCarthy, kuzomele ayisukumele indaba abavala ngayo emuva njengoba ingagwinyisi mathe nje.

EMpeleni nje bekumele ngabe baphindele nawo egcwele amaphuzu eKapa kodwa kwasho khona ukuthi bayazivuzela emuva.

Kucace zisuka nje ukuthi Usuthu luzothwala kanzima kulo mdlalo njengoba iStellies ibingaluniki ithuba. iluxina ngesivinini uma ihlasela.

Cishe lokhu beyikwenza ngoba yazi ukuthi AmaZulu abuya emidlalweni enzima kwiCaf Champions League futhi kuyisebenzele.

Yiyo ebihamba phambili ngomdllao kodwa ifike kuvalwe thaqa emuva. NoSuthu bekwenzeka ludabule lubheke phambili la bekucaca khona ukuthi libukhali.

Kube yiStellies elilishaya kuqala igoli ngesikhathi uDu Preez eqedela umnyakazo omuhle waleli qembu ngomzuzu ka-29.

Nokho akubanga yisikhathi eside ihamba phambili njengoba kuthe ngomzuzu ka-34 ngesikhathi uMattar Cessay naye eqedela umnyakazo omuhle waMaZulu.

FUNDA NALA: IPirates idlale ngamathuba yagcina icaze amaphuz kungafanele

Leli goli libonakale liyikhama umoya iStellies njengoba ithe ukwehlisa izinga layo, yavumela Usuthu lubuyele emdlalweni. Kuyiwe ekhefini zisabambene.

Kuphinde kwaba yiStellies ehamba phambili ngomdlalo ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili futhi ike yalibeka enethini ibhola ngomzuzu ka-55 kodwa kwathiwa olishayile ubesesendaweni engamfanele.

Iqhubekile nokuzama futhi imizamo yayo ithelile emizuzwini embalwa ukusuka lapho njengoba umgadli wayo omusha uCarslos  Ortiz elivalela phakathi.

Usuthu luzamile ukubuya, nomqeqeshi uBenni McCarthy wenza izinguquko futhi zisebenzile njengoba kuthe sekusele imizuzu engu-15 umdlalo uphele uThembela Sikhakhane walishaya elokulinganisa.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.