UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter
AmaZulu FC awenzile umsebenzi abewuyele eMalawi njengoba efike ayishaya iNyasa Big Bullets ukuze adlulele esigabeni silandelayo kwiCAF Champions League.
Usuthu luhambe luqhugela njengoba lwaluhluliwe lusekhaya ngeviki elidlule, ehla amathemba okuthi kukhona oluzokwenza kulo mqhudelwano.
Kodwa akhombisile ukuthi noma ngabe yikuphi okwakuwakhubile emdlalweni womlenze wokuqala, asekulungisile.
Umqeqeshi, uBenni McCarthy ukhethe ukuqala ngabagadli ababili oSiphelele Mthembu noBonginkosi Ntuli.
Lesi sinqumo sakhe simsebenzele njengoba kuthe kusaphele imizuzu emine uNtuli wabe eseyibhakuzisile inethi.
Ubebekelwe iphenathi kulandela ukuthi isitobha seBig Bulltes silidlale ngesandla singaphakathi ebhokisini. Kuthe kusenjalo, wakuphinda lokho uNtuli ebeka Usuthu endaweni enhle ngegoli lesibili ngomzuzu ka-11 kwaba ngu 2-0.
FUNDA NALA: IPirates iyiswabise isithembile iChippa koweligi
IBig Bullets ilitholile nayo igoli kodwa uNtuli waqinisekisa ukuthi Usuthu lubuya nomphumela ozojabulisa abalandeli ephakela uMthembu elihle ibhola.
Nalo mgadli akabange esacucuza, walibhalisa naye elakhe igama ohliwini lwabashaye amagoli enza kuba u 3-1.
Abengawathola amanye amagoli AmaZulu njengoba kade edlala kahle futhi engena egeleza ebhokisini leBig Bullets.