Usuthu luzabalazile, lulwile kodwa lwagcina luguqile

Usuthu luzabalazile, lulwile kodwa lwagcina luguqile
OkaDonga Gumbi

Lona lugcine lugobile uphondo kodwa AmaZulu ngeke abuye efake imisila ngaphansi kwemilenze kwazise awayona iminqolo futhi ahlulwe elwile.

Usuthu luzabalazile kodwa kwala khona ukwenza luhlulwa ngo 1-0 yiRaja Casablanca emdlalweni walo wokuqala esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League ngoMgqibelo kusihlwa.

Bekuvele kuyinto eyaziwayo ukuthi Usuthu luzothwala uthayela kunomoya kulo mdlalo kodwa awuzamile kwaze kwabhimba uhlelo ekugcineni.

Ukuthi kuze kwayiwa ekhefini zisabambene kungekho goli kube yinhlanhla nje yaMaZulu ihambisana nomsebenzi kaVeli Mothwa obevimba amabhola sekuvalwe amehlo.

IRaja beyikhombisa ukuthi yiyo esekhaya futhi umdlalo beyiwuphethe nje izigelezela uma iya emapalini Osuthu.

Yize AmaZulu abepatanisa iminyakazo ingahlangani kodwa kumele anconywe ngokukwazi ukumelana nengcindezi abephansi kwayo.

UMakhehleni Makhaula kwale kancane awabeke phambili AmaZulu sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini ngesikhathi ededela udalimede kodwa ibhola lakhe lazishayisa epalini.

Ngomzuzu ka-51, uThabo Qalinge uthole elihle ithuba ebhkoka ngakwesokunxele sodonga lweRaja kodwa wavele wahluleka wukukhahlela ibhola lakhe laziyela entarashishi.

Kuthe lapho sekusele imizuzu engaphezu kancane kuka-20 futhi noSuthu seluthembile ukuthi lungabuya nephuzu eMorocco, zajika izinto.

FUNDA NALA: ITS Galaxy ihlikihle usawoti esilondeni iguqisa iChiefs kwiNedbank Cup

UMohsine Moutaouali obelokhu eliphela endlebeni ezitobheni zaMaZulu ugcine ewenzile umonakalo ebakhuthuza engena nabo ebhokisini waze wagcina elinamathisele enethini.

Leli goli lingene izinto zivele ziqansile oSuthwini obelulokhu luvala ngapha, kuvuze ngale iRaja ifuna imbobo yokungena.

Le wini ithathe iRaja yayibeka endaweni yesibili kuGroup B ngemuva kwe-ES Setif yaseTunisia ehlule iHoroya ngo 3-0 ngoLwesihlanu.

Usuthu lona luhlezi endaweni yesithathu kanti sekomele lulungise izinto zalo uma selusekhaya lubhekene neHoroya ngoLwesihlanu oluzayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.