Usuthu luzobhekana neChilli Boys singekho isethenjwa

Alfred Ngubane

Umqeqeshi waMaZulu FC, uBrandon Truter, uthi kunzima kabi ukuhlelela ukunqoba iChippa United ngoba izoba yingozi enkulu.

Usuthu luzobhekana neChilli Boys emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. UTruter ubona izofika ifana nenkabi ethelweni nezibonkolo kubona iChippa njengoba ishaywe yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 ngoLwesithathu.

“Ukuhlulwa kweChippa kuzokwenza ukuthi ibuye njengemamba emnyama enyathelwe zinkomo endleleni, njengoba iphefumula ngenxeba,” kusho uTruter.

Nokho akwaziwa ukuthi izoba yingozi kangako yini iChilli Boys njengoba ixoshe umqeqeshi uDaine Klate ngemuva kokushaywa yiSundowns. Kulindeleke ukuthi ebhentshini kuhlale uMorgan Mammilla njengomqeshi obambile.

Lo mqeqeshi uphinde waveza ukuthi ukuthi uSiphesihle Maduna ujimile yedwa ngakho kungenzeka abe khona sebebhekene neChippa ngoMgqibelo.

“UMobara (Abbubaker) yena sisalinde umbiko ogcwele ngaye kodokotela ukuthi uzodlala noma cha. USibusiso Mabiliso ungumqemane, usengadlala noma ngabe yinini kodwa sisamnika isikhathi njengoba kade engadlali kwiKaizer Chiefs,” kuphetha uTruter.

AmaZulu azoya kulo mdlalo ngaphandle kwesethenjwa sawo, uGabadinho Mhango, onamakhadi amabili aphuzi. Usuthu lusendaweni yesine kwilogi yePremiership kanti ukuwina ngoMgqibelo kuzolubeka esicongweni ngaphambi kokuthi kudlala emibili yasebusuku.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *