Usuthu luzogadla ngobesephenduke iqaqa kwiPirates, lwadedela uXoki

Usuthu luzogadla ngobesephenduke iqaqa kwiPirates, yadedela uXoki
UThapelo Xoki waMaZulu FC osezogijima kwi-Orlando Pirates

Alfred Ngubane

AmaZulu FC ahlabane ngesihlabani somgadli uGabadinho Mhango obesephenduke iqaqa kwi-Orlando Pirates njengoba ebengasahlanganiswa neqembu.

Lokhu kwenzeka ngemuva kokuba uMhango etholakale enza izinto ezingafanele neziphambana nemithetho yeqembu.

Lezi zindaba zidalulwe ngumengameli waMaZulu uSandile Zungu ngesikhathi ekhuluma naboKhozi FM ngoLwesithathu ebusuku.

IPirates yona idayiselwe isitobha soSuthu uThapelo Xoki, kanti uZungu uthe kwafika usihlalo wePirates u-Irvin Khoza mathupha ezocela ukuba adayiselwe lo mdlali.

Sizodedela abadlali abangu 13, sisayinise abayisishagalombili, kukhona esizobadayisa,” kusho uZungu. 

“UGabadinho Mhango usesayinile kithina, iPirates ixoxille nathi yathi iyamdinga uXoki, sizomkhulula ngenhliziyo emhlophe.” 

Uveze nokuthi ngesizini ezayo bafuna indebe nokuyingakho sebesheshe baqeda ngezingxoxo noBrandon Truter osengumqeqeshi ngokugcwele.

“Isizini ezayo iyona esithi sesiphelile isikhathi sokudlala, sifuna inkomishi asisadlali… UBrandon Truter bekumele anikwe umsebenzi, uzikhombisile ukuthi uwufanele umsebenzi wokuqeqesha Usuthu.

“Okwamanje ngeke sisho isikhathi seminyaka esimnika yona, sisazohlala naye sibheke okuningi, sibeke imibandela njengeqembu.

“Asizoba nesikhathi sokudlala kumele akwazi ukuthi isitswebhu sizokhala ngisho kubadlali uma kungenzeki esikufisayo,” kuchaza yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published.