Usuthu ukubagandaya ngoGandaganda kweyeCAF

Usuthu ukubagandaya ngoGandaganda kweyeCAF
UThamsanqa Gabuza
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter

AmaZulu FC sekuvele ukuthi asewuqinisile umkhankaso wawo wokuheha uThamsanqa “Gandaganda” Gabuza ukuba alujoyine.

Usuthu kuthiwa sekunesikhathi lumcathamela lo mgadli weSuperSport United ngenxa yamava akhe emidlalweni yeCAF.

UGabuza useke wadlala kwiBafana Bafana kanti nangesikhathi ekwi-Orlando Pirates wayengomunye wabasekhaleni lempi yayo kwiCAF Champions League neConfederation Cup.

“UGabuza ubefuneka kuMaZulu ngaphambi kokuqala kwesizini kodwa izinto azangahamba ngendlela.

“Kodwa manje njengoba iqembu selingene esigabeni samaqoqo, selimfuna ngabomvu lo mgadli,” kusho umthombo.

Usuthu kudlulele esigabeni samaqoqo ngokusunduza iTP Mazembe yaseCongo DR endleleni yalo osekulenze elinye lamaqembu abhekiwe kulo mqhudelwano.

FUNDA NALA: Umfowabo kaSenzo Meyiwa uthi bayasukelwa abasolwa ngokumbulala

Kuthiwa umuntu omfuna kakhulu ngumqeqeshi uBenni McCarthy owaziwayo ukuthi uyabathanda abagadli abanethambo.

Nguye uMcCarthy osayine uSiphelele Mthembu kwiCape Town City phambilini, kanti noma esefika kuMaZulu umlandile.

Nokho uMthembu ubonakala ehluleka wukwenza lento efunwa uMcCarthy osekwenze wabona uGabuza engaba yisixazululo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.