USweeney ubabaza ihlazo elenziwe onompempe kowoSuthu neDowns

Inkakha u-Errol Sweeney

 

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Inkakha kanondweba, u-Errol Sweeney, isale ishaqekile ngesenzo sonompempe ngaphambi komdlalo waMaZulu FC neMamelodi Sundowns ngoMsombuluko, eKings Park Stadium, eThekwini.

Okushiye uSweeney ebambe ongezansi ukuthi onompempe babonakala kwividiyo behamba nabadlali beSundowns ngesikhathi sokuhlolwa kwenkundla, ngaphambi komdlalo. Abanye baze bagaxane nabo abadlali beSundowns.

“Kumele ngisho ukuthi ngamangala kakhulu ngesikhathi ngibona le vidiyo yonompempe behamba enkundleni nelinye lamaqembu. Lesi senzo sonompempe asemukelekile nakancane,” kusho uSweeney kwiFacebook yakhe.

“Lokhu kuthumela umyalezo ongemuhle kwabanye abantu, ukuthi onompempe bachemile naleli qembu abebehamba nalo. Ibikuphi iMatch Commissioner kwenzeka konke lokhu?

“Iyona okumele iqaphele konke okwenziwa onompempe. Lesi senzo siphume eceleni kakhulu nje futhi asamukelekile. Le nto akumele iphinde ivunyelwe ukuthi yenzeke,” kugcizelela uSweeney.

I-Match Commissioner kulo mdlalo bekunguNeerMal Boodhoo (George).

Unompempe obephethe umdlalo phakathi koSuthu naBafana Ba Style, uMichael Mosemeng. Ubesizwa uMoeketsi Molelekoa noThabang Matlou, kanti unompempe wesine, oma kulayini, bekunguLalelani Mngadi. Bobane laba bayabonakala bemdibi munye nabadlali beSundowns ngaphambi komdlalo.

Abaningi bavumelene noSweeney kwiFacabook kanti kukhona labo abathe abayiboni nencane inkinga mayelana nalesi senzo sonompempe.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.