Uswele amaphiko avele andize uMcCarthy beshaya iStellies

UNathan Sinkala noLuvuyo Memela

MTHOKOZISI MNCUSENI

Kuqhilika izihlathi kumqeqeshi waMaZulu FC, uBenni McCarthy olokhu eqhubeke njalo nokushayela umkhumbi waleli qembu laseThekwini ubheke ezizibeni ongakaze udlule kuzo.

Eqhulwini kokujabulisa uBenni ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bakwazi ukuzishaya isifuba ngeqembu labo elisendaweni yesibili kwilogi yeDStv Premiership ekubeni sekusele imdlalo engaphansi kweyishumi.

Okwesibili okukitaza lo mqeqeshi ukuthi unozinti wakhe uVeli Mothwa usedlale kweyisithupha yeligi ngaphandle kokulanda ibhola enethini.

Okokugcina nokuwikhona okumnqobise umdlalo kwiStellenbosch eKapa ngoLwesihlanu ebusuku nguThabo “Section 10” Qalinge.

UBenni ofike Osuthwini kubheda uhlelo uselubeke endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-40 yize esedlale kawu-22.

Bese kungokwesithupha leli qembu linqoba ngaphandle kokungenelwa yigoli.

Lokhu kunqoba kuhamba nerekhodi lalo Usuthu kwazise alukaze lukwenze lokhu elikwenzile kanti nakwiPremier Soccer League (PSL) kule sizini alikho iqembu eselike lanqoba amahlandla ayisithupha kulandelana.

“Bekuwumdlalo onzima ekuhambeni kodwa sanqoba ngoba sesiyakholwa ukuthi imiphumela siyakwazi ukuyithola noma kuphi.

“Le wini imqoka kithi ngoba isisondeza eduze kwalaba abahamba phambili. Ngiwumqeqeshi oneme ngezindlela eziningi ngenxa yale wini.

“Ngiyabajabulela abantu baseKZN ukuthi iqembu labo lisendaweni yesibili kwilogi ekubeni sekusele imidlalo embalwa ukuthi isizini igoqwe. Kusha lokhu kbona ngakho ngiyabajabulela kakhulu.

“Ngimjabulela kakhulu noVeli (Mothwa) ngoba lokhu alokhu eqhubeke njalo nokukwenza akujwayelekile kule ligi.

“Angazi nokuthi kufanele ngithini ngenxa yenjabulo enginayo ngoSection 10 (Qalinge) ngoba ungene wenza lokhu obekudingeka kuye.

“Wenze khona impela lokhu esimazi ngakho ngeminyakazo yakhe. Igoli lifana nesinongo esinzima ekudleni ngoba kuzomsiza lokhu akwenzile,” kusho lo mqeqeshi.

UBenni uyavuma ukuthi iStellies ibayekile kwazise ithole inqwaba yamathuba okunqoba kodwa yangawasebenzisa ngendlela.

Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.