Uswele imilomo eyinkulungwane uMcCarthy echazwa aboSuthu

Uswele imilomo eyinkulungwane uMcCarthy echazwa aboSuthu
Abadlali baMaZulu FC
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Usale enconcoza umqeqeshi waMaZulu FC uBenni McCarthy abafana bakhe bedlubulundela bengena esigabeni samaqoqo kwiCAF Champions League.

UMcCarthy uchazwe kakhulu yindlela abadlali bakhe abakhombise ukuqina ngokwemiqondo njengoba bebebhekene nezinselelo eDemocratic Republic of Congo.

Badlule kunjalo babambana ngo 1-1 neTP Mazembe ukwenze badlula ngenxa yegoli lasekuhambeni, bangena esigabeni samaqoqo.

“Ngiyazi ukuthi kwesinye isikhathi ngiba wumqeqeshi oqinisa isandla. Kwesinye isikhathi ngibubaba oqinisa isandla,” kusho uMcCarthy ngemuva komdlalo.

“Kodwa konke lokho ngikwenza ngoba ngifisela abadlali nezingane zami okuhle yingakho ngibuye ngifune okungale kwabanginika khona.

“Ngifuna behlale bebeke imiqondo emdlalweni abakuwo… ngoba awukwazi ukuba nethalente elinjengaleli esinalo bese ubuye udlale umbhedo.

“Uma ngigxeka iqembu lami yingoba ngiyakwazi abangakwenza futhi angifuni behlise izinga.

“Yingakho ke ngiqinisa isandla ngoba ngifuna bahlezi bekhumbula ukuthi impilo yasebholeni incane, isheshe iphele.

“Usebenza iminyaka engu-15 kuya ku-20 ngakho kumele usisebenzise ngendlela efanele leso sikhathi.

“Angifuni basale benokuzisola okuthile umhla sekufike isikhathi sokuthi bawabeke ethala amakhokho,” kuchaza lo mqeqeshi.

Nokho indlela Usuthu oludlale ngayo ngoMgqibelo ntambama imshiye eswele imilomo ezinkulungwane uMcCarthy.

“Kodwa namuhla bangikhombisile lento engihlale ngiyibona kubo (ejimini). Ngibone ukuzimisela, ngibone ukuzinikela…

“Ngibone iqembu elingasabi lutho ngokomqondo ikakhulukazi ngemuva kwezinto ezenzekile ngosuku olwendulela olomdlalo.

“Besilokhu sihlolelwa iCovid-19 imiphumela ibuye ithi asinayo kodwa ngosuku olwandulela olomdlalo baqondana ngqo nomunye weitobha ezibalulekile eqenjini uThapelo Xoki.

“Ngosuku lomdlalo simhambise ukuba ayohlolwa, umphumela wabuya wathi akanayo kodwa bona bathi unayo.

“Sifake isikhalo kwase kuthi sekusele imizuzu eyishumi kuqale umdlali bathi kulungile engadlala.

“Ukubhekana nesimo esinjalo ngaphambi komdlalo bese usishikilise iMazembe  kanjeya enkundleni enotshani bokufakelwa ebesiqala ukudlala kuyo…

FUNDA NALA: IGallants igabavule yangena kweyamaqoqo kwiConfed Cup

“Labafana bangamaqhawe angempela AmaZulu futhi bazifake emlandweni weqembu ngalokhu abakwenzile bebhekene neqembu elinamava kanje kulo mqhudelwano.

“Namuhla sifikile sadlala ngale ndlela esidlale ngayo, sahamba phambili ngo 1-0… futhi besingawashaya namanye amagoli amaningi.

“Yize bebeliphethe ibhola belidlala kahle belithumela phambili, ukubambisana nokulwela iqembu yikho obekuqhakambile namuhla.

“Ngemuva kwawo wonke amaqhinga abo okusenza singakhululeki sikhombise ukuba sezingeni elihle kakhulu.

“Mina nozakwethu esiqeqesha nabo sijabule kakhulu ukuba nabadlali abanjena. Sibe yiqembu lokuqala lamaZUlu ukuqeda endweni yesibili kwiligi.

“Manje sesiyiqembu lokuqala ukungena esigabeni samaqoqo kwiChampions League, ngethemba ukuthi umlando uyozikhumbula kahle.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.