Uswele imilomo ezinkulungwane uMcCarthy AmaZulu ewina iQ3

UBenni McCarthy

SIHLE NDLOVU

Ukudlala ngokuzimisela kwaMaZulu FC kuthele izithelo ezinhle njengoba leli qembu laseThekwini liwine i-Innovation Q3 okuyinto emenyezelwe ngokusemthetweni yiPremier Soccer League (PSL) ngoLwesibili.

Usuthu lushayela phezulu kulezi zinsuku futhi seluke lwahlala esicongweni kwilogi yeDStv Premiership ngempelasonto.

Sekunesikhathi AmaZulu agcina ukushaywa emidlalweni yeligi. Lokhu kwenze ukuthi aqoqe amaphuzu amaningi kunawo wonke amaqembu emidlalweni eyisishiyagalombili edlule.

Umqeqeshi uBenni McCarthy uthe ujabule kakhulu ngokuwina i-Q3 ehambisana nesheke lika-R1.5 million, okukhombisa khona ukuthi basebenza ngokuzikhandla njengeqembu.

“Ngithanda ukubonga wonke umuntu. I-DStv Premiership, abaphatha imidlalo nawo wonke umuntu ngokusihloma uphaphe njengeqembu eliwine i-Q3.

“Siyabonga kakhulu, sijabule ukuthola lo mklomelo. Wonke umuntu ubesebenza kanzima ngakho siyaziqhenya ngalokhu,” kusho uMcCarthy.

“Ngithanda ukubonga abadlali nje kuqala ngomsebenzi wabo omuhle, ukuzinikela nokuba nomqondo wokufuna ukuwina ngaso sonke isikhathi.

“Ukufika zonke izinsuku bakhombise ukuthi balokhu benyuka, benza kahle. Ngalokho ngiyabonga kakhulu futhi ngijabule ukuthi bawine le Q3. Wonke umsebenzi onzima usuthela izithelo ezinhle manje.”

AmaZulu anethuba elihle lokududula iSundowns kuze kube sekugcineni njengoba ehleli endaweni yesibili.

La maqembu ahlukaniswe yiphuzu elilodwa nje kuphela kodwa iSundowns isalele emuva ngemidlalo emibili.

“Ithimba labaqeqeshi nalo ngiyalibonga ngokuthi zonke izinsuku liyaphusha liphinde ligqugquzele nabadlali ukuthi benze kahle, benze okungaphezulu.

“Ngiyabonga kulokho futhi ngiyabonga ukuthi nibe yingxenye yeqembu lami.

“Ngiyababonga nabaphathi, umengameli weqembu ubaba uManzini (Sandile Zungu) ngobuholi bakhe ehola iqembu, nokungivumela ukuthi ngihlanganise iqembu enginalo manje.

“Ukukwazi ukuthi siwine lokhu, i-Q3, ngiyabonga kakhulu kubona ngokuseseka. Kubalandeli, siyanikhumbula kakhulu futhi sesijahile ukuthi nibuyele ezinkundleni. Siyiqembu sithi siyabonga, iNkosi inibusise,” kuphetha uMCarthy.

Email: editor@impempe.com
Twitter: @impempe.com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.