UTalent nomfowabo sebezokhuthaza amabhokisa enhla neKZN

UTalent nomfowabo sebezokhuthaza amabhokisa enhla neKZN
UTalent Zulu
Alfred Ngubane

Izelamani zakwaZulu Olundi sezisungule inkampani yokuqhatha izimpi ngenhloso yokuthuthukisa lo mdlalo kule ndawo yangakubo.

UTalent Zulu nomfowabo uFezisivumelwano Zulu bahlangane noKooise Ntuli oyimenenja yeMthale Boxing Promotion.

UTalent ukhulume neMpempe wathi bamabhokisa amaningi kakhulu kodwa aphelela endleleni ngenxa yongazitholi izimpi.

Uthi bona bazowavundulula baphinde bawaqhathe esigabeni esikhokhelwayo.

“Kubuhlungu ukubona abafana abanekhono nobona sengathi bebengagcina bengamabhokisa amakhulu emhlabeni bephelela eze ngenxa yokugqoza kwamathuba.

“Yingakho sesibone kungcono sihlangane sisungule ye nkampani esizokwazi ukuyisebenzisa ukubanika lawo mathuba.”

FUNDA NALA: IPirates ifuna ukwamukela abalandeli ngebhola elihle e-Orlando

UNtuli yena uthi bazoqinisa nakakhulu kumabhokisa abesifazane baphinde bawufake nasezikoleni lo mdlalo wamankomane ngoba bafuna ukunqanda izingane zingangeni ezidakamizweni.

“Isibhakela sihle ngoba sikufundisa indlela yokuziphatha kahle nokugwema izinto ezingakuphazamisa ngakho siyakholwa izosiza kakhulu ekunqandeni izingane ekungeneni ezintweni ezingafanele,”  kusho uNtuli.

UNtuli unamava ekukhipheni amabhokisa njengoba kunguye owavundulula oXolani Mvubu, Nkosinathi Biyela ongasekho emhlabeni nodadewabo naye ongasekho emhlabeni kanjalo naye uTalent Zulu.

Kumabhokisa abanawo kumanje kukhona uMfanuvele Ntuli, Mthobisi Mthembu, Mxolisi Sibiya noCelimpilo Ngema.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.