UTau useqede konke ne-Al Ahly, usezophinde ahlangane noPitso

UTau useqede konke ne-Al Ahly, usezophinde ahlangane noPitso
UPercy Tau
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Sekuvele ukuthi uPercy Tau useqede konke nezinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly futhi neqembu lakhe lase-England, iBrighton and Hove Albion selivumile ukumdedela.

Kubikwa ukuthi uzoqedela ukusayina ngoLwesihlanu bese ejoyina leli qembu la ezophinde asebenze khona noPitso Mosimane owayemqeqesha kwiMamelodi Sundowns phambilini.

Bese kunesikhathi uPitso ebikezela ukuthi kunomdlali omkhulu waseNingizimu Afrika azomsayina kodwa akangamusho ngegama.

Nokho kugcine kuvelile kuleli sonto ukuthi lowo mdlali nguTau. UTau kuthiwa usheshe wavuma vele ukujoyina i-Al Ahly kwabe sekusala emaqenjini ukuba avumelane.

Lokhu kwenzekile ngoLwesine ebusuku ngokubika kweTimesLive futhi kuzomenyezelwa ngokusemthethweni ngoLwesihlanu.

Ekhuluma kuKhozi FM ngoLwesine ntambama, uPitso uvumile ukuthi uyamfuna uTau wathi bambanga namaqembu amaningi.

Uthe noma kunjalo kodwa bazozama ukumthola kodwa waphika ukuthi kukhona asebevumelene ngakho. Uthe banobudlelwano obuhle noTau.

UTau ushaye igoli lakhe lokuqala kwiBrighton ngempelasonto edlule futhi abalandeli beqembu kuthiwa bachazekile ngaye.

Ngemuva komdlalo bebezama ukulingisela umdanso wakhe futhi bekusho ukuthi sebebheke ukumbona ewenza njalo.

Kuvele nokuthi neKaizer Chiefs sengathi isithambile, ayisenankinga nokudayisela i-Al Ahly uSamir Nurkovic. Sisazolulandela lolu daba bese sikulethela lona kahle.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.