UTau ushaye ingcwenga yegoli eqala ukukora kwiBrighton

BUKA: UTau ushaye ingcwenga yegoli eqala ukukora kwiBrighton
UPercy Tau
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Uvule ngegoli elihle uPercy Tau kwiBrighton and Hove Albion okubukeka ezolinikwa ithuba lokudlala kuyo kule sizini ezayo. UTau ubelokhu ebolekiswa kusukela afika kuleli qembu esuka kwiMamelodi Sundowns.

Lo mdlali weBafana Bafana uzakhele igama ngegoli alishaye esiwombeni sesibili bebhekene neLuton Town eKenilworth Road ngoMgqibelo ebusuku.

UTau no-Enock Mwepu waseZambia osanda kujoyina leli qembu lase-England‚ badlale kahle futhi bobabili bakorile kulo mdlalo.

UMwepu ube esebhala nakwiTwitter ebongela uLion of Juhad ngegoli lakhe lokuqala. Kuqale u-Aaron Connolly wavula ngegoli ngasekuqaleni kwesiwombe sokuqala, kude sekulandela uMwepu weza nelesibili sekusele imizuzu elishumi kuyiwe ekhefini.

EleLuton igoli lishaywe nguHarry Cornick sekusele amanenjana kuyiwe ekhefini. UTau ube eseveza ubuqhawe bakhe esiwombeni sesibili.

FUNDA NALA: Abalandeli beChiefs banikeze izintwana ithuba lokuziveza kwiCarling Cup

Ukhuthuze izitobha zeLuton ezimbili wangena nazo ebhokisini wabe esededela ishodi ngonyawo lwesikudla, lavundla ibhola lamudla unozinti lakhala enethini.

Sekubhekwe ukuthi lesi sihlabani seBafana Bafana siqale umdlalo uma iBrighton isiqala isizini yayo neBurnley ngo-Agasti 14.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.