UTeko Modise useshintsha umkhakha, kodwa usekhona ebholeni

UTeko Modise useshintsha umkhakha, kodwa usekhona ebholeni
UTeko Modise usengene emkhakheni omusha ebholeni
Sbongs Gumbi

UTeko Modise useveze ukuthi usezongena emkhakheni omusha abona ushoda kakhulu ngabantu abaqotho nabawenza ngokwethembeka umsebenzi kuwo.

Lo mdlali owayengaconsi phansi kubalandeli ngesikhathi esadlala kwiBafana Bafana uthi usefuna ukuba yimenenja yabadlali ukuze abavulele amathuba amahle. 

UTeko wadlala kwi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns ngaphambi kokudlulela kwiCape Town City la abeke khona amakhokho ethala eminyakeni embalwa edlule. 

Nokho ithuba lokuyodlala phesheya lagcina lingavelanga kuye yize izinto zakhe zazibukeka zihlangana futhi nekhono lakhe lingangatshazwa.

Ngemuva kokugaxa amakhokho emgibeni, uTeko ube eseba ngumhlaziyi kwiSuperSport TV nala enza khona umsebenzi oncomekayo.

Indlela ahlaziya ngayo yenza umphathi wePirares u-Irvin Khoza amshele ukuba abuye kuleli qembu esezongena ethimbeni labaqeqeshi.

Nokho wakwenqaba lokhu wathi kukhona okunye asafuna ukukwenza kuqala ngaphambi kokuthi acabange ngokungena kwezokuqeqesha.

Usekuvezile ke ngesikhathi enenkulumo nabeSABC Sport ukuthi usefuna ukuba yimenenja yabadlali ngoba uyalibona ithalente liningi, kodwa lidinga ukunakekelwa kahle.

Inkampani yakhe azosebenza ngayo ukubhekelela izindaba zabadlali azobasayina uthe izobizwa ngeThe Prestige Group.

“Engizokwenza wukuba nenkampani emenenja abadlali. Ngibone kunesikhala esikhulu kulo mkhakha ngoba kuhlezi kunethalente elisha,” kusho uTeko. 

Kubonakala sengathi uGeneral, okuyigama ayeteketiswa ngalo esadlala, ufunde kokwenzeka kuye kanti ufuna ukwenza kube ngcono kubadlali abazongena ngaphansi kwakhe.  

“Njengoba liliningi kangaka nje ithalente kuleli lizwe, iphutha elikhulu izinkampani ezimenenja abadlali ezilenzayo ukugcina sezinabadlali abaningi kakhulu.

“Lokhu kuphetha ngokuthi abadlali begcine bengasakutholi ukunakekeleka okubafanele. Bagcina bengaseneme ngoba bezibona benganakiwe. 

“Uma ubheka isimo njengamanje, baningi abadlali abasakhula abanethalente kanti nami kade vele ngaba nesifiso sokumenenja abadlali.

“Yingakho sengiqale ikhasi elisha empilweni yami. Igama le nkampani yami yiThe Prestige Group. Kudala ngayisungula.

FUNDA NALA: UMonare usebuyele kwiPirates ngemuva kokufunwa ngumqeqeshi omusha

“Empeleni isimibili iminyaka yaba khona. Ngicabanga ukuthi ngike ngaba nokuzingabaza… ngizibuza ukuthi ngabe yiyona ngampela yini into engifuna ukuyenza le?

“Lokho cishe kwenziwa wukuthi bengithukile ngendlela abantu abayithokozela ngayo lento ngesikhathi ngiyethula isewumcabango nje.   

“Manje sengiyazithemba futhi ngizizwa nginomdlandla ngayo. Ngicabanga ukuthi yiyonato engiyithandayo njengamanje. Ngifuna ukusebenza nabantu, hhayi nje abadlali abanethalente.

“Kodwa laba bantu abayibo ngaphambi kokuthi babe ngabadlali,” kuchaza le nsephe eyayiyisethenjwa eqenjini leBafana ngeNdebe yoMhlaba ka-2010. 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.