UTembo akasayingeni eyokukhononda ngonompempe ababhacazayo

Umqeqeshi weSuperSport United, uKaitano Tembo osekhathele ukukhuluma ngonompempe

MTHOKOZISI MNCUSENI

Uqome ukuyiziba eyokufakwa umunwe esweni emini umqeqeshi weSuperSport United, uKaitano Tembo oshaywe yiBloemfontein Celtic ngo 2-1 kungafanele kwiDStv Premiership ngoLwesibili eDr Molemela Stadium.

Namanje kusakhalwa (ezinkundleni zokuxhumana) ngegoli elingene umdlalo usuyela ngasekupheleni komdlalo lishaywa nguMotebang Sera obesendaweni engafanele kanjalo nalo omakhele lona uHarris Tchilimbou.

Kulo mdlalo bezibambene ngale ndlela yokuthi bekusobala ukuthi umphumela owafanele womabili amaqembu ukuthi acazelane amaphuzu.

Abebephethe umdlalo abazange babone kanjalo njengoba benze amaphutha asobala okwenze iphinde iqale imvunge ngokubaluleka kokusetshenziswa kwe-V.A.R kwiPremier Soccer League (PSL) kwazise kulezi zinsuku ungafunga ukuthi bayaqhudelana ngamaphutha onondweba nabasizi babo.

Akazange azixake nokho uTembo ngalokhu ngemuva komdlalo kepha ugxile ekubeni buthuntu kweqembu lakhe okuyinto naye athi akazi angayichaza athini.

“Siqale kabi kulo mdlalo njengoba besilokhu sibapha kalula ibhola. Bekungayeki nje phambili kodwa ngikholwa wukuthi siwatholile awethu amathuba okwenza kangcono. Akuzange kwenzeke nokho.

“Esiwombeni sesibili siphinde sazifaka kolunye ubishi sibapha igoli elilula. Kunzima ukubuya ezindaweni ezifana nalezi kodwa nangemuva kwalokho sibenawo amathuba futhi kodwa anqaba.

“Yebo liyasolisa igoli labo kodwa ngeke sisakuguqula lokho. Ngicabanga ukuthi ukube besinenhlanhla besingayithola nathi iphenathi ngasekugcineni kodwa nayo yanqaba,” kuchaza uTembo.

Yize zihluliwe, ezikaTembo zisesendaweni yesibili kwilogi kodwa ubuqonda kahle ubunzima obuza nemidlalo elandelayo njengoba elindwe yiCape Town City.

“Kusukela manje yonke imidlalo isizokuba nzima ngoba isisondelene kakhulu kanti sekuyacaca manje ukuthi obani abazobanga kanjalo nakwezinye izingxenye zelogi izinto seziyahleleka.

“Uyasinda kakhulu umdlalo wethu olandelayo ikakhulukazi njengoba siya kuwo imimoya iphansi.

“Kungumsebenzi wami ukufaka abadlali emoyeni ofanele futhi ngizokwenza konke okusemandleni ukukugcina lokho kodwa iCity, ngokwami, yilona iqembu elingcono kunawo wonke kwiligi ngokwendlela yokudlala nokuhleleka,” kusho uTembo.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.