UTembo engcupheni lokuphelelwa wumsebenzi kwiSuperSport

UTembo engcupheni lokuphelelwa wumsebenzi kwiSuperSport
Alfred Ngubane

UStan Mathews oyisikhulu esiphezulu kwiSuperSport United usedalule ukuthi kunezinguquko ezizayo kullei qembu ngesizini ezayo.

Uthi kuzoba noguquko ethimbeni labaqeqeshi. Ekhuluma neMpempe, uMathews uthi bazokwenza izinguquko eqenjini uma sekusongwe isizini ka-2022-23.

Lokhu kuzokwenzeka ngoba abaneme ngendlela abadlala ngayo nokuthi abafikile lapho befuna ukuthi iqembu lifinyelele khona.

Leli qembu lasePitoli sekwahlala amakokoloshe emakhabetheni alo ngenxa yokunganqobi lutho iminyaka ilandelana.

“Kumele sibheke ukuthi yini esingalisiza ngayo ithimba labaqeqeshi ukuze sibuyele kulesi simo ebesike saba kuso sokuba yiqembu elihubha izicoco.

“Siyakuqonda ukuthi iqembu lishintshwe kakhulu kule minyaka embalwa edlule, kodwa asenelisekile,” kusho uMathews.

Uthe bafuna ukuphinde babuyele ekudlaleni imidlalo yase-Afrika ukuze leli qembu liphinde libe ngelinye labamba phambili kuleli nasezwenikazi.

FUNDA NALA: Usuthu enkingeni yokusala ngemuva kwiChampions League

“Sizophinde siqinise ngabadlali esizobasayina njengoba silahlekelwe ngabadlali abanohlonzo abathathwe yiMamelodi Sundowns.

“Kulabo badlali singabala uTeboho Mokoena no-Aubrey Modiba abangabadlali abaphuma enkulisa yethu, baphenduka izinsika zeqembu.”

Le nkulumo kaMathews inokuveza ukuthi ikusasa likaKaitano Tembo ongumqeqeshi aliphephile neze.

Kumanje lidonsa kanzima kwiDStv Premiership njengoba lingayitholi imiphumela egculisayo.

Emizamweni yokuthola okungase kwenzeke, sivundulule ukuthi kungenzeka uTembo abuyiselwe enkulisa yeqembu bese kutholwa umqeqeshi weqembu elikhulu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.