UTembo uphoxekile iSuperSport ihluleka ukuwina kwiStellies

UGuily Manziba weSuperSport United uphinde walimala bebhekene neStellenbosch FC

SIHLE NDLOVU

Uzwakalise ukuphoxeka kakhulu ngomphumela umqeqeshi weSuperSport United, uKaitano Tembo, ngemuva kokuthi bebambane ngo 1-1 neStellenbosch FC emdlalweni weDStv Premiership, ngoLwesihlanu, eKapa.

Okukhalisa kakhulu uTembo ukuthi bebengcono kakhulu kuneStellies kodwa abakusebenzisanga ngendlela lokho. Empeleni Amatsatsantsa a Pitori acishe athola induku kulo mdlalo kwalamula uKudakwashe Mahachi oshaye igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-82.

“Ngicabanga ukuthi besiyiqembu elingcono kulo mdlalo. Ngiphoxekile ngomphumela ngoba ngicabanga ukuthi besinamathuba angcono okushaya amagoli, siwine umdlalo. U-Iqraam (Rayners) nje eyedwa ubengashaya amagoli amathathu.

“Kodwa uma kukhulunywa ngendlela esidlale ngayo ngikholwa ukuthi sidlale kahle kakhulu, indlela ebesiqala ngayo emuva beyikahle. Kodwa ngiphoxekile futhi ngendlela esidedele ngayo igoli, ngicabanga ukuthi besingenza kangcono,” kusho uTembo.

Kulo mdlalo kulimale uGuily Manziba ophume esegodle ingalo ngemuva kokuthinteka kabi esiphangeni. UTembo uthe uthemba ukuthi akukubi kakhulu kulo mdlali.

“UGuily ubesanda kubuya ekulimaleni okumhlalise isikhathi eside. Ubesazama ukubuyela kahle eqenjini. Ngesiwombe sokuqala ubengemuhle kahle uma sikhuluma ngalokho ebesifuna ukukwenza. Ubengakwenzi kahle ukuzenzela indawo ukuthola lawo mabhola amade okuyindlela adlala ngayo.

“Kuyinto engeyinhle ukuthi uthole ukulimala futhi egxalabeni. Ngithemba ukuthi akukubi kangako ngoba ungomunye wabadlali bethu abahamba phambili. Besimkhumbula ngesikhathi elimele njengoba eselimala futhi. Sithemba ukuthi akuyona into etheni,” kusho uTembo.

Lo mqeqeshi uzwakale sengathi unokukhathazeka kancane njengoba iqembu lakhe linabadlali abaningi abazoya emaqenjini esizwe njengoba kuzoba nekhefu lemidlalo yeFifa.

“Inkinga enkulu ukuthi sinabadlali abalinganiselwa kwabayisishiyagalolunye (9) abaya emaqenjini abo esizwe. Akukho okutheni esizokwenza ngoba abadlali abaningi bazobe bengekho. Sithemba ukuthi ngeke babuye belimele ngoba bekungakuhle ukuthi abanye babo baphumule. Kodwa kuhle ukuba nabadlali abayomela amazwe abo, siyabajabulela kakhulu,” kuphetha uTembo.

Email: editor@impempe,com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.