Uthandazela ukuthi bangabe besawulahla umgqiggo uMacuphu weTS Galaxy

Umgadli weTS Galaxy, uMxolisi Macuphu ofuna amagoli ayishumi kule sizini

OKADONGA GUMBI

I-TS Galaxy seyidlale imidlalo emithathu ingayazi induku kwiDStv Premiership kanti umakadebona womgadli kuleli qembu, uMxolisi Macuphu uthi lokhu sekulethe okukhulu ukuzethemba egenjini.

IRockets seyiwine emibili yadlala ngokulingana kowodwa emidlaweni yayo emithathu edlule okuyinto enika uMacuphu umuzwa wethemba lokuthi sezijikile izinto kuleli qembu laseMpumalanga.

“Kuwumuzwa omnandi ukuwina,” kusho uMacuphu. “Kumele ngikusho lokhu, ukuwina imidlalo kuyalikhulisa iqembu. Kulinika ukuzethemba. Ozakwethu basebenze kahle kakhulu kule midlalo embalwa edlule futhi ngiyathandaza ukuthi singabe sisasuka kulo mgqigqo esesiwubambile,” kubeka lo mgadli osedlale emaqenjini angaphezu kwamahlanu kwiPremiership.

UMacuphu – oseke wagijima kwiChippa United, Golden Arrows neBidvest Wits phambilini – uvumile ukuthi bona njengabagadli kumele bahlulelwe ngesibalo samagoli abawashayile uma kuphela isizini.

Nokho, kumele kuqondwe nokuthi kuyenzeka kunoma yimuphi umdlali ukuthi ehlelwe yifomu kanti nabagadli kuyenzeka kubo, bazithole bengasakwazi ukubhakuzisa inethi.

“Njengomgadli kumele uhlulelwe ngamagoli owashayile. Kodwa kimi, kuba wumuntu noma wumqeqeshi okhethekile okwazi ukuthi, ‘okay, umgadli wami akakori kodwa ngabe ulisiza ngani okunye iqembu. Ngabe uyasiza ukuphakela ozakwabo amabhola ukuze bakore? Ngabe uyashoshela naye uma sihlasela afake ingcindezi kubantu esidlala nabo?’.

“Yingakho ke mina njengomgadli osenenamava, ngazi ukuthi ifomu iyehla kwesinye isikhathi futhi ukuze udlule kuleso simo kumele uqine engqondweni. Uyohlale uphumelela uma uqinile engqondweni. Ebholeni kuhlezi kunengcindezi kodwa okubalulekile wukuthi ubhekana kanjani nayo,” kulanda uMacuphu oneminyaka engu-31.

Uzibekele isikalo samagoli ayishumi kule sizini. Nokho uma ubheka ukuthi uBradley Grobler ohamba phambili ngamagoli kule sizini usevele ushaye angu-14, lesi sibalo sikaMacuphu sibonakala siphansi kakhulu.

Kodwa kuyinto eyaziwayo nesize yajwayeleka ebholeni lakuleli ukuthi umgadli osuke eshaye amaningi ngesizini usuke eshaye inqwaba uma engu-15 njengoba kuke kwenzeka kwaba wonangu-11 ohambe phambili kumasizini ambalwa edlule.

“Mina sengivele ngiwashayile amagoli amane kule sizini, ngasiza nozakwethu ngokubaphasela ukuba bakore izikhawu ezimbalwa. Isibalo engizibekele sona yishumi, uma ngingadlula lapho kobe yibhonasi.

“Uma nje singakwazi ukuhlala kulesi sigaba, ngicabanga ukuthi sizoba ngcono kakhulu ngesizini ezayo,” kusho uMacuphu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *