UThela weSwallows uchaza ngokushintsha isibongo sakhe

UThela weSwallows uchaza ngokushintsha isibongo sakhe
UThela Thela
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kusukela ezelwe, abazali bakhe babazi ukuthi uzoba yinto enkulu emhlabeni yingakho unozinti weSwalows FC uThela Thela (obenguNgobeni) aqanjwa ngesibongo.

Lo mdlali oneminyaka engu-32 uveze ukuthi leli gama lakhe kahle hle liyisibongo yingakho esozokwaziwa ngoThela Thela kusukela manje kuya phambili.

“Eminyakeni edlule bengisebenzisa isibongo sakwaNgobeni okuyisibongo sakhabomama,” usho kanje lo mdlali echaza ngoLwesihlanu.

“Ngibone kungcono ngisiyeke. Bese kufike isikhathi sokuthi kufanele ngilandele isibongo sakhobobaba. Uma ulazi igama lami uThela kahle hle yisona isibongo sami leso.

“Ngaqanjwa ngesibongo sikababa. Angazi kahke ukuthi kungani kwenzeka kanjalo. Ngisakhula bangitshela ukuthi ngizoba ngomunye wabaholi balo mndeni.

“Bathi yingakho ngethiwe ngesibongo nje. Ngethemba ukuthi ngendlela engenze ngayo kule minyaka engu-32 edlule kuhambisana nezifiso zabo,” kuqhuba uThela.

Uthe ukhule engenankinga nesibongo sakwaNgibeni kodwa kuthe ngokuhamba kweminyaka waqala waba nemibuzo ngaso.

FUNDA NALA: UMcCarthy ufuna Usuthu luyiqale kahle eyokuhlungela iChampions League

“Uma usemncane awukuqondi ukuthi kungani usebenzisa isibongo sakhabomama. Kuthi uma ukhula uqale ube nemibuzo bese uchazelwa.

“Ube sewukuqonda lokho okushiwoyo. Ngicabanga ukuthi ngisho umama ungichazele kahle ukuthi kungani sekufanele ngijike ngithathe isibongo sikababa.

“Kuke kwaba nezinselelo kulolu hambo lokushintsha isibongo njengoba bekunemicikilisho okumele ifezwe.

“Kodwa ngijabule ukuthi sekugcine kwenzekile… kusukela manje wonke umuntu sekumele angibize ngoThela Thela. Uma uthe nje Mnuz Thela usuke sewuqedile.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *