UThemba Zwane uthi uBroos wamchazela ngokumziba kwiBafana

UThemba Zwane uthi uBroos wamchazela ngokumziba kwiBafana
UThemba Zwane ekhempini yeBafana Bafana

 

Isibabuli somdlali weMamelodi Sundowns esisanda kubuyela kwiBafana Bafana uThemba Zwane uthi bakhuluma bayidlulisa eyokuzitshwa kwakhe kuleli qembu. 

Ngesikhathi efika kwiBafana umqeqeshi uHugo Broos wathi ngeke ebasebenzise abadlali asebeneminyaka engaphezu kuka-30. 

UZwane ungomunye walabo abagaxela kulowo mgodi, kwathi noma edlala kahle kwiSundowns wagajwa kwiBafana. 

Kwala noma lo mqeqeshi esebalanda abanye abangaphezulu kuka-30 ngeminyaka esingabala kubo uThabang Monare we-Orlando Pirates noVeli Mothwa waMaZulu FC, uZwane wasala.

Nokho ekhempini yokugcina yeBafana uZwane wabizwa futhi wafike wakhombisa lo mqeqeshi ukuthi yini abeziphuthisela yona ngokumziba kwakhe. 

Naye uBroos wayengawuvali umlomo ngebhola elidlalwa uThemba Zwane ngemuva komdlalo wobungani neSierra Leone ezinyangeni ezimbili ezidlule. 

Ebuzwa ngalokhu kugajwa kwakhe, uZwane uthi yinto abayikhuluma ngesikhathi efika okokuqala ekhempini kaBroos, futhi badlula kuyo.  

“Umqeqeshi wangichazela ngesikhathi ngilapha ukuthi kungani ayekhetha ngendlela akhetha ngayo ngesikhathi efika. 

“Wayeqoka abadlali abasebancane ukubona ukuthi yini angayithola kubo,” uchaze kanje uZwane kuleli viki njengoba esekhempini yeBafana nje. 

“Ngamtshela ukuthi ngakuqonda ayekwenza njengoba angichazela kahle izizathu zakhe. Nami angiboni yini engamvimba ukuzama izintwana kuqala. 

“Kodwa ngoba ngangivele ngihlalele ethembeni, ngamtshela ukuthi bengilokhu ngilungile, ngilinde ithuba lami. 

“Mina ngizifunela ukudlala ibhola. Uma nje uMdali esangivumela nebhola lisekhona, ngizodlala,” kucacisa yena.

FUNDA NALA: Iligi yase-England iyona enabadlali abaningi eNdebeni yoMhlaba

Kuzophinde kubhekwe ibhola elihle kuZwane uma iBafana seyizwana amandla ne-Angola neMozambique kuleli viki. 

Izobhekana neMozambique ngoLwesine bese igadulisana ne-Angola ngoMgqibelo kanti uZwane uthi kuzoba yimidlalo enzima. 

“Impela, ngicabanga ukuthi kuzoba yimidlalo enzima. Kodwa sesiyilungele futhi sesijahile ukudlala le midlalo. 

“Siyazi baningi abadlali abasha eqenjini kodwa kumele sizame ukusheshe sizwane ukuze siwine le midlalo.” 

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *