Uthembisa ibhola elihlabahlosile uTembo kwiSekhukhune United

Uthembisa ibhola elihlabahlosile uTembo kwiSekhukhune United
UKaitano Tembo nesikhulu seSekhukhune Unite d uPhineas Madisha noMcDonald Makhubedu
OkaDonga Gumbi

UKaitano Tembo usethembise ibhola elihlabahlosile kubalandeli beSekhukhune United kulandela ukuqokwa kakhe njengomqeqeshi omusha kuleli qembu laseLimpopo.

Ukuqashwa kwakhe kuholele ekutheni uMcDonald Makhubedu enyuselwe isikhundla – noma sehlisiwe? – njengoba esenesifanayo noSteve Komphela kwiMamelodi Sundowns.

UTembo ufika kwiSekhukhune nje ubesanda kudedelwa yiSuperSport United akhulele kuyo nafika kuyo esengumdlali kulandela ukugqoza kwemiphumela. 

Nokho akahlalanga isikhathi eside enguqhwayilahle njengoba eseqashwe yiSekhukhune athembisa kuyo ibhola elihlabahlosile.

“Okokuqala nje angibhekise kubalandeli, iqembu lizokudinga ukwesekwa yibo njengoba bebenza nakumasizini edlule. Babalulekile abalandeli,” kusho uTembo.  

“Ibhola elabo. Sizobadinga ukuthi basisize ukuze sizuze lokho esizibekele khona ngesizini ezayo. Sidinga ukuba bahlale beseduze neqembu. 

“Uma sengibuyela kubadlali, kuzomele sidlalele ukujabulisa abalandeli ukuze baseseke bese sikwazi ukufika la sifisa khona.

FUNDA NALA: Angase avumbuke kwelaseGauteng uMazinyo oxoshwe yiMaritzburg

“Kuzodingeka ukuzikhandla kodwa ngiyakholelwa kuleli qembu. Ngiyakholelwa kulaba badlali, yingakho ngilapha nje,” kwengeza lomqeqeshi odabuka eZimbabwe.  

“Sibheke ukwakha iqembu elidlala ibhola elihlabahlosile – lokho kusho ukuthi ibhola elijabulisayo kodwa elihambisana nemiphumela emihle.

“Sifuna ukudlala siye phambili. Yilokho engikholelwa kukho. Ngifuna iqembu elihlaselayo hhayi elihlala emuva libheke okuzokwenzeka. Yilokho engizokufaka kubadlali.” 

ISekhukhune iyiqale kahle isizini yayo yokuqala kwiDStv Premiership kodwa yaphelelwa ngamandla ngokuhamba kwesizini.

Kulandwe u-Owen Da Gama ukuba azosiza uMakhubedu kodwa kwanhlanga zimuka nomoya wagcina ekhonjwe indlela ekupheleni kwesizini.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.