UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter
Usihlalo omusha weComrades Marathon Association (CMA) uMqondisi Ngcobo uthi sebelubeke phambili udaba lokuhlehliswa kweComrades Marathon kuze kube kabili.
Lo mjaho othakaselwa zinkulungwane zabantu usuneminyaka emibili ungagijimi ngenxa yokubheduka kweCovid-19.
Kuzokhumbuleka ukuthi ibhodi leCMA belihlezi ngoLwesihlanu ekomkhulu layo eMgungundlovu lakhetha ubuholi obusha.
Kulapho ke okuqokwe khona uNgcobo kwesikasihlalo kanti iphini lakhe kuzoba uLes Burnard
Lime kanje selilonke leli bhodi elisha: Mqondisi Ngcobo, usihlalo iphini nguLes Burnard amanye amalungu oCeli Makhoba, Pat Freeman, Vukani Dlamini, Zinhle Sokhela, Steve Mkasi, Phumlani Ntuli no-I saac Ngwenya.
FUNDA NALA: UMessi unxenxe ukuthi uLewandowski anikwe indondo ka-2020
Khonamanjalo usihlalo ophumile uCheryl Winn ubonge iCMA nozakwabo ngethuba lokuhola le nhlanhlano enkulukazi emhlabeni iminyaka emine.
Uphinde wayifisela inqubekela phambili noma kusenzima ukubuya kweComrades Marathon ngonyaka ozayo njengoba kunokuzama zama kwezwe ngokuqubuka kabusha kweCovid-19.