Uthembisa ukuzinikela kwiSekhukhune obedume ngokudansa kwiPirates

ULinda Mntambo
Sihle Ndlovu

Ukukhonjwa indlela kukaLinda Mntambo kwi-Orlando Pirates kushiye abanye abalandeli bayo benganeme, kanti kwabanye akuthanga diki.

Kulabo abangeneme bakhala ngokuthi lo mdlali ubesengayenzela olukhulu iPirates ngoba uyithinta kuzwakale esiswini. Labo okungathi diki kubona bathi into enhle ukuthi uBen Motshwari usalile ngoba bambona edlala ibhola elingcono uma eqhathaniswa noMntambo.

Lo mdlali (uMntambo), osanda kusayina kwiSekhukhune United, usezakhele igama ngokudansa nokwenza ukuthi kusabalale amavidiyo akhe ezinkundleni zokuxhumana. Kuthiwa uhlale ezinamele futhi uyena obefundisa abanye abadlali bePirates ukudansa.

Ngesikhathi kukhulunywa ngoMntambo kwiFacebook omunye wabalandeli beBucs uthe: “Inkinga yakhe ubelibala ukudansa kodwa akukho okutheni ebesikubona ekwenza enkundleni.”

Ngabe nakwiSekhukhune lo mdlali uzoqhubeka nemidanso yakhe aphinde afundise nabanye abadlali? Konke kuzocaca uma sekuqala isizini.

Ngaphandle kokudansa okunye adume ngakho uMntambo ukudla ukotini. Nakho lokhu kwenza ukuthi kusabalale izithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana egqoke kahle.

Akukho nokuncane ukungabaza ukuthi uzoqhubeka nalokhu njengoba kukhona izithombe zakhe zakamuva edle indwangu, ngemuva kokusayina kwiSekhukhune.

UMntambo uthe into ayiyele kwiSekhukhune ukudlala ibhola hhayi okunye.

“Angithembisi okutheni kodwa ngizosebenza kanzima ngizinikele 110%,” kusho lo mdlali.

“Ngizozinikela kakhulu, yilokho engiza nakho eqenjini. Ukwethembeka nokusebenza ngokuzikhandla. Ngiyabonga kusihlalo ngokunginika ithuba lokujoyina leli qembu.

“Isahluko esisha, ngifuna ukubhala igama lami emlandweni weSekhukhune. Ngifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi ngizenza ngijabule, umndeni wami nomphakathi engiphuma kuwona. Ngaphezu kwalokho kumele ngenzele iqembu. Ngifuna ukuqinisekisa ukuthi siyakufeza esizibekele kona.”

editor@impempe.com

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.