Uthembisa ukuzinikela ngokugcwele kwiSekhukhune uKatsande

Uthembisa ukuzinikela ngokugcwele kwiSekhukhune uKatsande
UWillard Katsande
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Sekhukhune United

Cishe kusazomthatha isikhathi ukujwayela uWillard Katsande kwiSekhukhune United eqinisekise ukuthi isimsayonile ngoLwesihlanu ntambama.

UKatsande ubesehalle kwiKaizer Chiefs iminyaka eyeve kancane kweyishumi ngaphambi kokuthi anqume ukushiya ngenyanga edlule.

IChiefs beyifuna ukuba ahlale okungenani isizini eyodwa, kodwa yena waqoka ukushiya ayozwa impilo kwenye indawo.

Uqede ukuqagela ngekusasa lakhe njengoba esesayine kwiBabina Noko. Bese kukhona nabebethi angase avele ashiye ebholeni ayogxila emculweni akathi unothando lwawo.

Ekhuluma ngemuva kokumenyezelwa kwakhe njengomdlali waleli qembu laseLimpopo, uKatsande uthe akazele ukukwandisa isibalo kuleli qembu.

“Yithuba elihle leli kimi lokuthi ngike ngidlale endaweni ehlukile,” usho kanje lo mdlali oneminyaka engu-35 odabuka eZimbabwe.

“Angizelanga lapha ukuzokwandisa isibalo sabadlali. Ngilapha ukuzolwela indawo eqenjini futhi neqembu likhombise ukungeseka okuhle.

“Ngakho, engifuna ukukwenza manje wukuthi ngikhombise ukubonga kwami ngokuthi ngizimisele ngokugcwele ngaso sonke isikhathi.

FUNDA NALA: UPapi Zothwane usefuna ukuvelela ekuqeqesheni 

“Engingakutshela abalandeli beqembu wukuthi abaqhubeke baliseke leli qembu. Thina sizowakhipha wonke amangwevu enkundleni, futhi libunjwe kahle neqembu.

“Ngisho kwaleli qembu ebelivele likhona elinyusele iqembu kulesi sigaba belinabadlali abanethalente, sizozama ukuthi sihlangane kahle bese sijabulisa abalandeli,” kuchaza yena.

Abanye abadlali abasayine kwiSekhukhune abamenyezelwe ngoLwesihlanu oCheslyn Jampies, Justice Chabalala Blessing Sarupinda waseZimbabwe nonozinti waseZambia uToaster Nsabata.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.