Uthi abadlali benze abatshele khona bayishaya ngempela iPirates

OkaDonga Gumbi
Uncome abadlali bakhe wathi bakwenze ngokumisela konke abebekuhlelile ngesikhathi belungiselela ukudlala ne-Orlando Pirates umqeqeshi weBlack Leopards, uDylan Kerr.
EzikaKerr zibe nomdlalo omuhle kakhulu eThohoyandou Stadium, eVenda, ngesikhathi zigingqa iBhakaBhaka ngo 2-0 wamagoli okube umkhonto ogwaze ekhaya ka-Innocent Maela nelikaRoderick Kabwe esiwombeni sokuqala.
“Kwenzeke ebesikudinga. Ngiyakhumbula ngelinye ilanga u-Ernst Middendorp ethi okubalulekile umphumela hhayi ukuthi uwuthole kanjani. Kodwa nizibonele indlela esidlala ngayo.
“Ngabatshela ngifika lapha abadlali ukuthi uma singagcina ibhola, siliphaselane, akekho ongasithinta. Ngebhadi kweminye imidlalo sihlala emuva bese sibayeka baphathe ibhola baphaselane,” usho kanje uKerr.
Uthe ngeSonto ntambama abadlali bakhe bamgeze igilo ngendlela abadlale ngayo bekhombisa ukungesabi ukuphatha ibhola.
“Asizange sihlale emuva, sibanike ithuba lokudlala namuhla. Noma selisilahlekele ibhola besililwela sonke njengeqembu – senze le nto ebesiyizama ejimini.
“Besazi sizodlala kanjani – bangena benza ngqo, noma basebenzise izimpondo – kumnandi ukubabuka. Mina ngijabulele ukuthi sikwazile ukubavimba bengalitholi igoli, angicabangi ukuthi uKing (Ndlovu, unozinti weLeopards) kuke kwadingeka avimbe ibhola namuhla.”
Ube esephetha ngokuphinda ancome ukulandela kwabadlali bakhe imiyalelo yakhe benze nalokho abebekuzame futhi bakuxoxa ejimini.
“Okokuqala ngqa abadlali benze lento ebesiyenza ejimini. Lokhu engibacele ukuthi bakwenze.” Lo mqeqeshi uthe akamsoli umgadli wakhe, uMohamad Anas ohlulwe amathuba amabili alula ngasekupheleni kwesiwombe sesibili. Uthe sesiside isikhathi engadlali u-Anas ngakho ubesagcwele izintuli.

Leave a Reply

Your email address will not be published.