Uthi akakaze ayibone iBafana eboza kanje owaseGhana

Uthi akakaze ayibone iBafana eboza kanje owaseGhana
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umengameli wenhlangano eyengamele ibhola eGhana, iGhana FA uKurt Okraku uthi iqembu leBafana ebelidlala neBlack Stars liyaboza.

Uthi leli yiqembu elintekenteke kunawo wonke iBafana esike yaba nawo kule minyaka emihlanu edlule.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emsakazweni wakhona eGhana ephendula ngezinsolo zeSafa zokuthi iBlack Stars yawina ngoba kunokwenzelela.

Izikhalo ngalo mdlalo owawinwa yiBlack Stars ngo 1-0 zaqubuka usadlala njengoba unompempe wayebonakala ecindezele ngakwiBafana.

NgoLwesithathu iSafa imemezele ukuthi iyaqhubeka nezinhlelo zayo zokunxenxa iFifa ukuba iphenye ngalo mdlalo.

Lokhu okushiwo yiSafa kubacikile abaseGhana asebekubeke kwacaca ukuthi nabo bazokulwela ukuthi umphumela womdlalo ungaguqulwa futhi ungaqalwa phansi.

“Kusukela nini iNingizimu Afrika isingaphezulu kweGhana ngebhola?

“Ngabe kuyancokolwa noma kwenziwani?” kusho u-Okraku.

“Leli yiqembu eleNingizimu Afrika elintekenteke kunawo wonke kule minyaka emihlanu edlule futhi alikufanele nje ukuya eNdebeni yoMhlaba.

“Ngicasuke kabi ngendlela abaziphatha ngayo futhi nje abalihloniphi izinga eliphezulu esinalo lapha eGhana.

“Iqiniso lelo, bebezithembile. Phela simzwile umqeqeshi wabo ekhuluma (ngaphambi komdlalo). Akunjalo?

FUNDA NALA: ‘Ngeke siqophisane nabo, sizolinda isinqumo seFifa,’ kusho oweSafa

“Kubalulekile ukuthi kube khona otshela uDanny Jordaan ukuthi atshele abantu baseNingizimu Afrika iqiniso.

“Abatshele ukuthi noma singathini isinqumo (seFifa) okusalayo bona abekho ezingeni lokhuthi bengaya eNdebeni yoMhlaba.”

Kufanele ukuthi le nkulumo izobacika kakhulu abakuleli abevele badiniwe yizinto ezishiwo yiGhana FA ngoLwesine.

Le nhlangano ithe icela iSafa yamukele induku etholwe yiBafana bese iyeka ukuzihlekanisa nomhlaba ngokukhalaza.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *