Uthi akumele bayivezele izinyo iTS Sporting uMacuphu weTS Galaxy

Umgadli weTS Galaxy, uMxolisi Macuphu othi akumele bayithathe kancane iTS Sporting abazodlala nayo kwiNedbank Cup

MTHOKOZISI MNCUSENI

Uxwayise ozakwabo ngobungozi obuhambisana nokuthi iTS Sporting abazodudulana nayo emdlalweni weNedbank Cup iyona vele okulindeleke ukuthi ikhale ngaphansi umgadli weTS Galaxy, uMxolisi Macuphu.

La maqembu angomkhaya baseMpumalanga azodudulana ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, e-Ellis Park Stadium.

ISporting, edlala kwiGladAfrica Championship, ayinikwe lutho kulo mdlalo kwazise iGalaxy ikhombisa izimpawu zokuya ngokuya iqina kusukela kufike u-Owen Da Gama.

Kungenxa yalokhu uMacuphu exwayise ozakwabo ngobunzima abangase babhekane nabo ngoMgqibelo uma bezithambisa ngoba bebuka isigaba okudlala kusona izitha.

Uneme lo mgadli ngamagoli amane asewashayile kule sizini kodwa usafuna amanye kanti unezinye futhi izifiso ezinkulu ngeGalaxy.

“Ungaba yinkinga lo mdlalo ngoba owomkhaya. Indaba ilele ekutheni ubani ozofika osukwini engcono. Uyinkinga umdlalo onjalo.

“Akufanele sibayele ngobuso ngoba sibuswa ukuthi badlala kusiphi isigaba. Bazofika kithi behambela phezulu befuna ukuziveza.

“Bonke laba badlali beSporting babona ithuba lokukhombisa elethu ithimba labaqeqeshi ukuthi bangenzani. Ngiwazi kahle umdlalo onje ngoba sengike ngaba kuyona phambilini.

“Yithuba leli kubadlali beSporting lokuziveza manje lokho kuzoba wumthwalo kithi uma sizozithambisa,” kusho yena.

UMacuphu uthi kubalulekile ukuthi bahambe ibanga elihloniphekile kulo mqhudelwano ngoba insila yokuwunqoba iyohlale njalo iqaqele kuleli qembu.

“Kunomlando okumele siwuvikele. Ngiyathembisa kubalandeli ukuthi sizolwa ngakho konke esinakho ukudlulela esigabeni esilandelayo ngoba lokhu bakujwayele kulo mqhudelwano,”

Lo mgadli osedlale emaqenjini amaningi esigabeni esikhulu ubabaza amava kaDa Gama ofike waguqula izinto.

Emidlalweni emithathu edlule iGalaxy inqobe emibili, ishaya iChippa United neBlack Leopards yabe seyidlala ngokulingana kowodwa ne-Orlando Pirates.

“Kuyabobakala ukuthi sekufike usomaqhinga oyazi ukusuka nokuhlala iligi esidlala kuyona. Ufike kwacaca yena nethimba lakhe yingakho isiqala ukuvela imiphumela,” kuchaza uMacuphu.

Unephupho lokushaya amagoli angu-10 kule sizini uMacuphu bese eqinisekisa ukuthi iqembu liyayigcina indawo yalo kwiDStv Premiership.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.