Uthi basangayidida iPirates, bayijikele esiswini njengotshwala oweGalaxy

Abadlali be-Orlando Pirates

OKADONGA GUMBI

Mhlawumbe kwenziwa wukuthi njengomunye wabadlali asebeqinile eqenjini leJwaneng Galaxy kumele abe yisibonelo esihle ngokuthi angakhombisi ukuba novalo noma ukulahla ithemba uFortune Thulare.

Lo mdlali wasemuva kwiJwaneng usho into okunamathuba amancane ngale ndlela yokuthi iphanta elingafaka imali lithi izokwenzeka lingazothola lihola izizumbulu, uma yenzekile.

Le nsizwa eneminyaka engu-26 ithi basangayijikela i-Orlando Pirates ebahola phambili ngo 3-0 emdlalweni wokuhlunga kwiCAF Confederation Cup.

IBucs yabavuthela ngesibhaxu emlenzini wokuqala bengakubo eBotswana kodwa uThulare uthi nabo bengakwenza lokhu e-Orlando Stadium ngeSonto ntambama.

“IPirates yiqembu elihle kakhulu elinabadlalli abaseqhelweni eliphezulu,” kuvuma uThulare. “Badlala ngendlela ehlelekile futhi uma sebehlasela bayashesha okuyinto okumele siyiqaphele.

“Kodwa kukhona la bebuthaka khona okungathi uma ubacindezela khona ukwazi ukuthola umphumela ojabulisayo. Lokhu sekuke kwavela emidlalweni yabo yeligi,” kusho lo mdlali ekhuluma nabePhakaaathi kuleli sonto.

UThulare uthe bazozama ukugadla kakhudlwana kulezi zindawo abazibonile ukuthi ibuthaka kuzo iBucs ukuze babone ukuthi ngeke yini bagile izimanga, bayiketule seyizitshela ukuthi iqedile.

“Sizodlalela ukuwina, kodwa sizobe singakhohliwe ukuthi sibhekene neqembu eliyingozi. Inkinga esinayo wukuthi asinayo imidlalo ekhaya osekusikhiphe emgqigqweni wethu.

“Izinga lethu lokuba fithi ngokomzimba nangokomqondo alikho la kufanele libe khona. Kodwa kumele sizame ukuwakhipha wonke amangwevu sibone yini esingayithola kulo mdlalo,” kusho uThulare.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.