Uthi bashaywe yinhlanhla uMngqithi eGibhithe, bazogeza igama ekhaya

UManqoba Mngqithi

OKADONGA GUMBI

Ukholwa wukuthi ukube inhlanhla ibibavumile bebezobuya begiya eGibhithe umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi. ISundowns ishaywe ngo 2-0 yi-Al Ahly emdlalweni womlenze wokuqala weCAF Champions League esigabeni somkhumulajezi, Uma yehlulekile wukuziphindiselela ngokuhlula i-Ahly ngamagoli amathathu kuya phezulu bese yona ingatholi nelilodwa emlenzenzeni wesibili, kuyobe sekuphelile ngeSundowns kulo mqhudelwano.

Kodwa uma ngendlela edlale ngayo eGibhithe, abangathi kuphelile ngeSandawana ngabe bazidlalela umona. Kunqabe yona ngampela inhlanhla njengoba kusho le nsizwa yaseMzimkhulu, uMngqithi.

“Kwenzeke njengoba bengilindele… Bekuvele kuwumdlalo ezizodlana kuwo imilala ngamacebo,” kusho uMngqithi ngemuva komdlalo. “Ngikholwa wukuthi sidlale kahle, saba nebhadi nje lokungakori. Angikaze ngibone iqembu lifika eGibhithe lifike liyicindezele i-Al Ahly, kube yilo eliphethe umdlalo.

“Ukubona i-Al Ahly ihlasela ngokuzuma isekhaya kube yinto engiqalayo ukuyibona namuhla. Kodwa lokho bekwenzeka esiwombeni sokuqala. Isiwombe sesibili siseNingizimu Afrika.

“Siqale kahle kulo mdlalo, besiligcina kahle ibhola. Besidlala kahle sizama ukuvula izikhala. Sabaphoqa ukuthi bahlale emuva, kodwa ngebhadi asiwasebenzisanga amathuba. Sibe nebhola elishaye ipali, sageja nebhola ebelishaywe ngekhanda (esiwombeni sokuqala). Nawu umbiko womdlalo: https://bit.ly/3tO9two

“Ngicabanga ukuthi sidlale kangcono kakhulu esiwombeni sesibili. Kodwa okuxakule wukuthi besidlala kahle kodwa singakwazi ukwakha amathuba okushaya amagoli acacile njengasesiwombeni sokuqala.

“U-Elshenawy (unozinti we-Ahly) ubasize kakhulu wavimba ibhola ebesithi sesidlile ngalo, ukube lingenile ngabe sikhuluma enye into kumanje. Sisayihlonipha i-Al Ahly, inabadlali abakhaliphile. UTaher ukhombise ubuchule bakhe ngegoli lakhe esiwombeni sokuqala.

“Kodwa ngisakholwa wukuthi yithi ebesidlala kangcono kodwa lokho akusho lutho ngoba sihluliwe.”

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.