Uthi bebengeke bajike indlela yokudlala ngenxa yokushoda kweSwallows uReikerink weCity

UMduduzi Mdantsane oshaye igoli leCape Town City ibhekene neSwallows FC

MTHOKOZISI MNCUSENI

Ngeke akuvume ukuthi izimo zemidlalo zishintshe indlela iqembu lakhe elidlala ngayo umqeqeshi weCape Town City, uJan Olde Riekerink obambane neSwallows FC ngo 1-1 emdlalweni weDStv Championship eCape Town Stadium ngeSonto.

ISwallows ikhishelwe umdlali (Junaid Sait) ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-65 obekusho ukuthi iCity inethuba lokuba yiqembu lokuqala ukushaya iSwallows kule sizini.

Bese kungokwesihlanu kulandelana iSwallows idlala ngokulingana okwenza umqeqeshi weCity athi noma ewamukela lo mphumela kodwa umile ekutheni libe nenhlanhla leli qembu eligcine ukushaywa lisekwiGladAfrica Championship.

“Bafike kanye emapalini ethu okuyilapho bethole khona igoli, ngaphandle kwalokho ayikho inkinga etheni esike sabhekana nayo.

“Uma iqembu likhishelwa umdlali ngekhadi elibomvu liyaqinisa kakhulu kwelikwenzayo… Inkinga ukuthi thina asizange sibaxine ngemuva kukukhishelwa umdlali kulo mdlalo.

“Ngingakhala phela kodwa akulula ukuthi ngisole abadlali bami ngoba konke abakwenzile yile ndlela vele ebesihlele ngayo futhi bekubukeka sengathi sizowuthola umphumela omuhle.

“Indlela yokubaxina ngamandla ibizosho ukuthi siyasuka endleleni yethu yokudlala sishaye amabhola amade phambili,” kusho uRiekerink.

Ngokwalo mqeqeshi waseNetherlands, iCity bekumele ishaye okungenani amagoli amabili kulo mdlalo ngoba ngisho sekungene igoli (leSwallows) iyona ekhuphule umdlalo.

“Kunzima ukuthi ngingachaza okwenze asangawunqoba lo mdlalo ngoba yithi ebesiwuphethe. Ukushesha nokunensa kwawo bekulawulwa yithi. Kunezikhathi eziningi lapho bekulula khona kakhulu kithi kodwa akusisizanga lokho ngoba amaphuzu amabili alahlekile ekhaya.

“Nakuba besifika emapalini abo kodwa bekunokunganaki nje engingeke ngikuchaze. Besikwenza konke kahle kodwa la sekufanele sinike umuntu ozovalela ibhola enethini besivele senze okunye.

“Yilokhu kuphela engingakuhlaba kubadlali bami, akukho okunye,” kusho lo mqeqeshi. Mayelana nokudlala neSwallows ingasaphelele uyincomile uRiekerink ngokubambelela kwayo.

“Badlale kahle ngendlela yabo kodwa ngikholwa ukuthi sibayekile. Indlela esidlale ngayo iyona kuphela esiyaziyo futhi iyona le eyenza abantu baqaphele ukuthi senzani kwiCity ngakho-ke ngeke ishintshe,” kusonga uRiekerink.

Lo mphumela ushiye iCitizens endaweni yesikhombisa kwilogi ngamaphuzu angu-24. Kolandelayo baya kwiNedbank Cup lapho bezovakashela khona iChippa United.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *