Uthi bengayiphinda ngesibhaxu iChiefs unozinti weMaritzburg

Unozinti weMaritzburg United, uMarcel Engelhardt

OKADONGA GUMBI

Ubona kunomehluko omkhulu kwiMaritzburg United futhi izosinda ezembeni unozinti osanda kufika kuleli qembu laseMgungundlovu, uMarcel Engelhardt.

Lo nozinti ufike nozinzo ezintini zeBlue Hearts njengoba beyingakwazi ukuvala isikhala kusukela yadayisela i-Orlando Pirates uRichard Ofori ekuqaleni kwesizini.

Kuzanywe ngoBongani Mpandle kodwa kwangalunga kanti noSebastian Mwange waseZambia naye akazange ahlale njengoba ededeliwe ngoJanuwari ukuba abuyele kubo iqembu likhala ngokuthi akukho angalisiza ngakho.

Nokho kubukeka sebeyitholile impendulo yezinkinga zabo epalini ku-Engelhardt oneminyaka engu-27 ozalwa eGreven, eGermany.

“Sijabule ngokuthi sathola iwini sibhekene ne(Black) Leopards, saphinde sadlala ngokulingana neBloemfomtein Celtic, kodwa ngicabanga ukuthi nakuyo besingawina,” ucashunwe wabo kanje lo mdlali kwi-website yeqembu.

“Sisazimisele futhi sisafuna ukuzuza okungaphezulu kwalokhu – sisasendaweni ebucayi kanti sifuna ukusuka kuyo. Kubalulekile ukuthi siqhubeke nokuqoqa amaphuzu.

“Lokho kuzosenyusela ukuzethemba futhi ngiyafisa ukuthi siqhubeke nokwenza kahle nangoLwesithathu,” kuqhuba lo nozinti.

ITeam of Choice, ekunombolo 15 kwilogi, izobhekana neKaizer Chiefs eHarry Gwala Stadium ngoLwesithathu ngo 6 kusihlwa emdlalweni weDStv Premiership.

“Bayiqembu elikhulu futhi elinabadlalli abasezingeni. Kodwa nathi uma singadlala ngokubambisana singakuzuza okuthile, siqhubeke nokuqoqa amaphuzu.

“Imidlalo yasekhaya ibalulekile ukuthi siqoqe kuyo amaphuzu,” kuchaza yena. IChiefs isendaweni yeshumi kanti iphambili ngamaphuzu ayisithupha kwiMaritzburg ngakho nayo izobe iwabheke ngabomvu amaphuzu.

Nokho iMaritzburg inomlando omuhle wokuzitamuzela kwiChiefs kule minyaka embalwa edlule, kanti izobheka ukuqhibeka nawo.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.