Uthi isabambe ngakho uKapinga kwiSundowns esiyizwa ngendaba iwini

 OkaDonga Gumbi

Njengeqembu okubhekwe ukuba libe ngelokuqala ukuqukula indebe yeligi seyibizwa ngeDStv Premiership, iMamelodi Sundowns itotoba kakhulu kule sizini.

Emidlalweni yayo emihlanu edlule, iSundowns isawine emibili yabe seyidlala ngokulingana kwemithathu elandelanayo.

Lesi ‘sivinini’ sonwabu ehamba ngaso iBrazilians, singase siyifake enginkeni njengoba amaqembu afana neSuperSport United wona esinyusa esawo.

Kumanje Amatsatsantsa a Pitori aseyalingana ngamaphuzu neMinwana Phezulu kanti isahleli phezulu ngenxa yokuthi isishaye amagoli amaningi kunamaqembu ebanga nawo ukuqhwakela.

NeSwallows FC inamaphuzu alinganayo naweDowns neSuperSport kodwa yona isendaweni yesithathu ngesizathu sawo belu amagoli. Kodwa umdlali weSundowns, uLesedi Kapinga, uthi yena ubona kusahamba kahle.

“Njengeqembu, ngicabanga ukuthi sisenza kahle ngoba sisaligcinile nerekhodi lokungehlulwa okuyinto enhle,” kusho uKapinga kwi-website yeqembu.

Emdlalweni olandelayo, iSundowns izodlala neqembu uKapinga abedlala kulo ngesizini edlule, iBlack Leopards, kwiDStv Premiership eThohoyandou ngoLwesithathu ngo 5 ntambana. ILidoda Duvha isanda kwehlukana nobengumqeqeshi wayo uDylan Kerr.

“Siyazi singabadlali ukuthi kuzoba wumdlalo onzima kodwa kumele nakanjani sithole amaphuzu amathathu ngoba inhloso yethu ukuwina iligi,” kuqhuba uKapinga.

Lo mdlali oneminyaka engu-25, uthe uyohlale eyihlonipha iLeopards kwazise uqale kuyo ukuhola ebholeni.

“Wumdlalo obaluleke kakhulu kimi lona ngoba ngiyihlonipha kakhulu iLeopards ngokunginika ithuba lokudlala esigabeni esikhokhelayo.”

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *