Uthi isiqalo sezinto ezinhle ezizayo iwini yakhe yokuqala ebuyele kwiChippa uMalesela

OkaDonga Gumbi
Udlale umdlalo wakhe wokuqala ebuyele kwiChippa United neqembu ebelisanda kumxosha uDan “Dance” Malesela futhi ukuwina kwiTS Gaxalaxy ngo 1-0 kufanele ukube yinto emjabulise kakhulu.
Kodwa akafunanga ukugxila kulokho ngemuva komdlalo ezikhalela ngokuthi bebengashaya  amagoli amaningi kunaleli elilodwa.
Nokuthi nalo elilodwa lishaywe yisitobha ebesinyukele ikhona ngomzuzu wesine safike sayingqofela enethini, yinto okufanele ingehli kahle kuMalesela.
Igoli lishaywe nguFrederic Nsabiyumva ngemuva kwekhona egotshwe nguPeter Maloisane. Ngemuva kwalokho, maningi amanye amathuba ewatholile iChilli Boys kwasho khona ukuthi ayikayazi kahle ukuthi inethi yaseMbombela Stadium ingakuphi.
“Njengoba besilindele, kube wumdlalo onzima futhi lapha zombili bezilambile ngempela ziyifuna la iwini. Senze kahle ngokusheshe silishaye igoli.
“Kukufaka kwenkulu ingcindezi uma umdlalo uqhubeka ungakabi nalo igoli. Sibe nawo amanye amathuba ngemuva kwegoli kodwa sawamosha.
“Into eyodwa esiyenze kahle wukuvala emuva. Yize besizifakela ingcindezi engenasidingo kwesinye isikhathi, ngijabule ukuthi asizange singenelwe yigoli sakwazi ukuthola amaphuzu amathathu.
Yinto enhle leyo. Yisiqalo sezinto ezinhle,” kulanda uMalesela.
Nokho lokhu kuwina akuyisizanga kakhulu ekusukeni ngasemsileni kwi-log njengoba isendaweni ka-12, ngamaphuzu ayisishiyagalolunye – ishiya iBlack Leopards esemsileni ngamathathu kuphela.
Ukuhlulwa kweGalaxy kuyiphushele ngasemsileni njengoba isendaweni ka-15 ngamaphuzu ayisishiyagalombili. Iphambili ngamabili kwiLidoda Duvha edlala ne-Orlando Pirates abazobhekana ngeSonto ntambama.

Leave a Reply

Your email address will not be published.