Uthi kwaba nzima ukuphuthwa yithuba kokuya kwi-Al Ahly uNurkovic

USamir Nurkovic

OKADONGA GUMBI

Yize akhombisa ukwethembeka kwiKaizer Chiefs ngokuthi athi uzokwenza lokho okufunwa yileli qembu ngesikhathi kuvela amaqembu abemfuna ekuqaleni kwesizini, uSamir Nurkovic uthi kwakungelula.

Yize engawavezanga amagama amaqembu ayemfuna, uNurkovic ukuqonisekisile ukuthi impela akhona abemeshela. Kwavela amahlebezi okuthi elalimgaqele ngabomvu yiAhly eyayisanda kuqasha uPitso Mosimane okunguyena okuthiwa wayalela ukuba bazame ukumlanda Lo mgadli waseSerbia.

“Kwakunzima kimi, kodwa sengijabule ngoba sekudlulile, sekungumlando manje,” kusho uNukorvic kuleli viki ekhuluma nabeSAfm.

“Ngavele ngakushiyela kumohathi wami neqembu ukuba baxoxisane ngakho, futhi ngesikhathi umphathi engazisa ngalokhu, ngavele ngathi kuye, ‘umsebenzo wakho lowo, mina owami ukuqedela le nkontileka enginayo neKaizer Chiefs’.

“Nginenkontileka (neChiefs) futhi uma kuba khona okwenzekayo, kuyokwenzeka uma kufanele. Mina ngilana. Nginenkontileka neChiefs okumele ngiyiqede.

Uthe akuzange nokho kumfikele ukuthi sekushaye isikhathi sokuba adlulele phambili ayothola enye inselelo.

Khonamanjalo, uNurkovic usephumele obala wathi engavuma uma engacelwa ukuba adlale kwiBafana Bafana. Sekuke kwaba nabanxenxa uMolefi Ntseki opheka iBafana ukuba amlande lonmgadli kwazise akakaze adlale eqenjini lesizwe eTurkey okwenza akhululeke ukudlala kunoma yiliphi elinye izwe.

“Ngingavuma ukudlala kwiBafana. Kuke kwanezinkulumo ezinjalo ngesizini edlule ngesikhathi ngiwashaya kakhulu amagoli, kodwa sekuthule manje.

“Ngingajabula ukudlala leli zwe elihle kangaka. Kodwa kulele kubo (abeBafana) uma bengidinga, mina anginankingkulele kubo (abeBafana) uma bengidinga, mina anginankinga,” kusho uNurkovic.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *