Uthi kwesuleke izinyembezi ngendondo yeligi uMokwena weSundowns

Rulani Mokwena of Mamelodi Sundowns
URulani Mokwena
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Bekungakhona okokuqala uRulani Mokwena ethola indondo yegolide neMamelodi Sundowns njengoba ubekhona iwina iligi nangesizini edlule. Kodwa kulokhu le ndondo isho lukhulu kulo mqeqeshi kwazise ubezibambele mathupha ngokubambisana noManqoba Mngqithi engelona iphini.

Phambili uyiwine eyiphini likaPitso Mosimane osanda kukuveza ukuthi yonke impumelelo yeSundowns ngesikhathi engumqeqeshi beyingenxa yemisebenzi yakhe eyedwa.

UMokwena noMngqithi basala nomkhulu umsebenzi ezandleni zabo ngesikhathi uMosimane eshiya isigubhukane ngaphambi kokuqala kwesizini esongwe ngoMgqibelo.

Baqokwa ukuba baqhubeke nokucija iqembu ngokubambisana. Kwaphinde kwalandwa noSteve Komphela ukuzobalekelela. Ephawula kwiTwitter ngemuva kokuqukula indebe yeligi, uMokwena uthe unezibazi eziwubufakazi bokuthi kunzima kanjani ukuba ngumqeqeshi osemncane.

“Namuhla, izinyembezi nezibazi engizithole kulolu hambo lokuba ngumqeqeshi omncane zizosulwa yile ndondo yegolide. Okusabisayo ukuthi kuseyisiqalo nje lesi. Ngiyanibongela Masandawana, seniphinde nadla isicoco esikhulu futhi,” ubhale kanje uMokwena.

Yize bekwazile ukusigcina eChloorkop isicoco seligi, obesekungokwesine siya kulandelana siya khona, kusamele baphume esithunzini sikaMosimane. Abaningi basakholwa wukuthi bebesavuna obekshiywe kutshalwe nguMusomane.

Ngesizini ezayo kuzoba yisikhathi sabo sokuba bazibonakalise kahle ngokuthi bazitshalele bona. Impempe isingakuveza ukuthi laba baqeqeshi bahlela ukulijika kakhulu iqembu ukuze baveze esabo isandla.

Kunabadlali asebekhulile ngeminyaka okulindeleke badedelwe phambili okukhona uTiyani “Major Son” Mabunda, George Maluleka nabanye. UMokwena noMnqithi kulindeleke kubo yibo abadla indondo yokuba nguMqeqeshi oVelele emcimbini wokuvala unyaka wePSL ngeSonto kusihlwa.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.