Uthi ngabe iyazihlambalaza iPirates uma ingathi ayisekho embangweni weligi

URulani Mokwena

OKADONGA GUMBI

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena ukholwa wukuthi iqembu elithakwe kahle njenge-Orlando Pirates kumele ngabe libhubhisa kwasani evela phambi kwalo.

Uthi umlando onothile waleli qembu ake waliqeqesha ngesizini edlule ukhomba ukuthi kumele lihlale lisembangweni wezicoco.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngamalungiselelo nezinhlelo zabo njengoba bezobhekana nePirates kwiDStv Premiership.

Lo mdlalo uzoba se-Orlando Stadium ngeSonto ngo 3 ntambama, kanti kulindeleke ushube. Emdlalweni wakamuva phakathi kwalamaqembu, iPirates yathila isibhaxu sika 4-1 emdlalweni weNedbank Cup emasontweni amabili edlule.

“Ngicabanga ukuthi uma kungathiwa ngikwiPirates, ngingakubuka njengehlazo ukuthi ngingazibali njengeqembu elisembangweni wesicoco,” kusho uMokwena.

IBucs isendaweni yesine kwilogi njengamanje kanti isilele emuva ngamaphuzu ayisishiyagalolunye kwiSundowns eqhwakele

“Izinga liphezulu, futhi nomsebenzi wenziwe ukuthaka iqembu ngabadlali abasezingeni elihle… kufakwe imali enhle eqenjini.

“Lokho kumele kukutshele ukuthi kumele uwine imidlalo eminingi, ufake inselelo ezicocweni.

“Angiboni ukuthi bazibona bengasekho embangweni wesicoco,” kuchaza lo mqeqeshi osebenza ngokubambisana noManqoba Mngqithi noSteve Komphela.

Ngokwezibalo basangasihlwitha, njengoba neSuperSport United, Golden Arrows naMaZulu besangakwenza lokho.”

ISundowns seyinengcindezi enzima futhi amathuba ayo okuvikela isicoco seligi ehle kakhulu ngemuva kwemiphumela emibi.

Iqale yabanjwa AmaZulu ngo 0-0, yabe seyikhishwa inkani yiKaizer Chiefs iyishaya ngo 2-1, kanti kuleli viki ibambane neGolden Arrows.

Le mphumela yehlise igebe ebizihola ngalo phArrows. Kumanje iphambili ngephuzu elilodwa oSuthwini, yize isenemidlalo emibili eyigodle ekhwapheni.

“Njengamanje sihlezi endaweni esiyazi kahle. Siyazi ukuthi ukungahlulwa emidlalweni engu-21 akusenzanga Saba yiqembu eliphambili emhlabeni.

“Sibe nayo imiphumela emibi ngendlela exakile… sifuna ukuwina. Sihlele ukwephula amarekhodi amadala, siqophe amasha.

“Siyazi ukuthi imiphumela embalwa emibi ayisenzi iqembu elibheda kunawo wonke emhlabeni noma ezweni.

“Akumele kube nokungabaza ngezinga labadlali eqenjini, sinabadlali abahle kakhulu,” kuchaza uMokwena.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.