Uthi ngeke ajabule uma engakora kwiMaritzburg oweChiefs

UHappy Mashiane noMulomowandau Mathoho beKaizer Chiefs

MTHOKOZISI MNCUSENI
Kuvamise ukuthi umdlali angalijabuleli igoli alishaye uma edlala neqembu ake wadlala kulo okuthathwa njengophawu lwenhlonipho, kodwa okukaHappy Mashiane weKaizer Chiefs kwehlukile.
UMashiane uyisithelo sesikhungo sokuthuthukisa amakhono seChiefs futhi akakaze adlale kwelinye iqembu ngaphandle kwaleli laseNaturena. Unyuselwe eqenjini elikhulu ngo-2019 ngemuva kokwenza kahle eqenjini leMultiChoice Diski Challenge.
Pho kungani lo mdlali ozalwa eTembisa, eGauteng ethi ngeke alijabulele igoli uma kwenzeka ebhakuzisa inethi uma sebebhekene neMaritzburg United emdlalweni weDStv Premiership eHarry Gwala Stadium ngoLwesithathu kusihlwa?
Isizathu sakhe wukuthi iBlue Hearts iphekwa ngu-Ernst Middendorp okunguyena umqeqeshi omkhuphulele eqenjini elikhulu kwiChiefs, futhi wamfaka kweliqala imidlalo.
“Angikholwa ukuthi kungaba nenkinga ngoba vele ebholeni kuyenzeka lokho. Kumele ngimhloniphe nje kuphela,” kusho uMashiane ngalo mqeqeshi ozalwa eGermany kodwa osenobuzwe bakuleli.
“Uma kwenzeka ngilishaya igoli ngeke ngijabule ngoba ungomunye wabaqeqeshi engaziyo ukuthi ngaphandle kwabo ngabe angikho la ngikhona,” kuchaza uMashiane.
UMashiane, oneminyaka engu-23, unebhajana elithanda ukumlandela lokulimala njalo okuyinto esiphazamise kakhulu ukukhula kwakhe kuMakhosi.
Ngesikhathi edlala ngaphansi kukaMiddendorp, walimala kanzinyana kwaphoqeleka ukuthi ahlale engadlali isikhathi esicela onyakeni.
Ngaleso sikhathi abaningi basebembona njengoyena mdlali ozovala isikhala esavuleka ophikweni lwesinxele kuleli qembu kulandela ukuhamba kukaGeorge Lebese, owajoyina iMamelodi Sundowns.
Nakule sizini uphinde wathinteka ngesikhathi eseqala ukungena egiyeni naseqenjini eliqala imidlalo likaGavin Hunt, kodwa usebuyile futhi nguye oshaye igoli lesibili behlula i-Athletico Petro de Luanda yase-Angola kwiCAF Champions League ngempelasonto edlule.
Uthe usenethemba lokuthi ukulimala kuzomxolela ukuze naye afake isandla ngokuphelele ukusiza iqembu lithuthuke njengoba lidonsa kanzima nje kule sizini.
Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.