Uthi ngeke bayeye iChiefs ngenxayendawo ekuyo oweSundowns

Abadlali beSundows bezilolonga

MTHOKOZISI MNCUSENI

Umlando wemiphumela yemidlalo yeligi phakathi kweMamelodi Sundowns neKaizer Chifs yenza uRulani Mokwena ongomunye wabaqeqeshi kwiBrazilians abe nokuwesaba kumbe ukuwahlonipha Amakhosi.

UMokwena uhlulekile ukufihla ukugodola kwakhe ngokubhekana neChiefs eyichaza njengeqembu elikhulu futhi elinabadlali abanesipiliyoni kanjalo nabayingozi kakhulu.

Kucacile futhi ukuthi uMokwena uyabazi laba badlali abamshayisa ngetwetwe ngoba ubebasho ngamagama oKhama Billiat, Samir Nurkovic noLebohang Manyama.

La maqembu angamakhulu kuleli azobhekana ngeSonto ngo 3 ntambama, eLoftus Versveld emdlalweni obhekwe ngabomvu kwiDStv Premiership.

IDowns iya kulo mdlalo nomqondo wokuqhubeka nokuvikela irekhodi lokungehlulwa kule sizini ekubeni iChiefs iyolwela ukuzifaka kwi-Top 8.

“Isiwula somqeqeshi singabheka indawo iChiefs ekuyo kwilogi bese sizithela ngabandayo kodwa thina ngeke sikwenze lokhu ngoba ubungozi bayo siyabazi.

“Ifomu iChiefs ekuyo iyathusa uma uzosusa lo mphumela weCape Town City. Umlando uthi akukhathalekile ukuthi ubani udlala kanjani kodwa phakathi kweSundowns neChiefs kuwina noma ubani.

“Babophele ingcwenga yabadlali futhi njengoba sekubuye oKhama (Billiat), Samir (Nurkovic) noLebo (Manyama) sebeyingozi ngendlela eyisimanga.

“Bayiqembu elikhulu futhi banomqeqeshi ophambili futhi engimhloniphayo ngamagalelo akhe uGavin Hunt. Isikhathi esanele sokubumba leli qembu yisona uHunt abengakasitholi kahle.

“Kusemqoka ukuyihlola ngomqondo ophusile iChiefs ngoba uma uzobheka umdlalo wabo odlule bese uhlela uqede, ngeke kulunge,” kusho uMokwena.

Ebuzwa ngokuthi ubona ukuthi iChiefs izobophela kanjani uMokwena usisuse emuva isikimu waze wayophuma phambili.

“Kunabadlali abamqoka ababuyile kanti nalaba abancane abebenikwe ithuba badlale kahle kakhulu.

“Kukhona uBernard (Parker) odlala noma ikuphi la edingeka khona kodwa sinalo iqhinga ngoba futhi nasemuva baqinile kwazise abadlali abakhona balijwayele ijezi.
“Kuzoba umdlalo onzima ngisho ngabe babophela bani kodwa ngiyalethemba iqembu lami.”

Ukuqinisekisile ukuthi isikimu sizolokhu siqhubekile nokushintsha njengoba imidlalo incipha.

“Kuyajabulisa ukuthi uKermit (Eramus) noSoumaroho (Bangaly) sebeqalile ukuziqeqesha. Ngeke sikwazi ukuqinisekisa izibopho zethu uma bengekho abadlali abamqoka.

“Sizolokhu sibashintsha njalo abadlali ngoba imidlalo yethu ithothene eduze kakhulu manje kusemqoka ukuthi abadlali baphumule ukuze kuzothi njalo uma bedingeka batholakale besesimweni esilindelekile ngisho nangokomqondo,” kusonga uMokwena.

Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.