Uthi ngeyethimba lonke leSundowns indondo yabo uMngqithi

Mamelodi Sundowns
URulani Mokwena
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UManqoba Mngqithi uthi indondo yokuba ngabaQeqeshi abaVelele abahlonishwe ngayo yiPSL ngoLwesine inikwe bona ngoba kuyibo abaphambili kodwa ngeyabo bonke abasebenza ngokuzikhandla kwiMamelodi Sundowns.

Uthi benza umsebenzi obonakalayo nje yingoba kunabantu abangemuva abasebenza ngokuzikhandla. UMngqithi nozakwabo uRulani Mokwena baqokwe njengabenze kahle ezinyangeni uMeyo noJuni kwiDStv Premiership.

“Ngifuna ukubonga wonke umuntu okhona eqenjini ngale mpumelelo. Ikakhulukazi ngale ndondo esiyiwinile ngoba abaQeqeshi abaVelele kuMeyi noJuni. Yithina esinikwe indondo kodwa sinethimba elikhulu elihlezi liseseka,” kusho uMgqithi.

“Yonke imikhakha yeqembu, kusuka kubaphathi kuya kubalandeli abasesekayo. Noma besuke bengekho enkundleni siyanuzwa ubukhona babo. Siyabona nasezinkundleni zokuxhumana siyayibona imilayezo nezilokotho zabo,” kusho uMngqithi.

UPeter Shalulile yena uklonyeliswe ngendondo yokuba nguMdlali oVelele ngesikhathi esifanayo. UMngqithi umbongelile, wathi ufisa kungagcini ngale ndondo kodwa athole nezinye ngeSonto emcimbini wokuvala isizini.

“Ngifisa nokubongela uPeter (Shalulile) ngokuphinde awine eyoMdlali oVelele. Beyimfanele ngoba uyisebenzele. Ukhombise ukuba yisosha elithembekile. Usihayele amagoli abalulekile.

“Ngimfisela eminye imiklomelo emikhulu uma sekuvalwa isizini ngoba ufanelwe okungaphezulu kwalokhu. Usebenze kahle kakhulu,” kusho uMngqithi.

UHappy Mashiane weKaizer Chiefs yena uklonyeliswe ngoweGoli eliVelele. Igoli alishaya kade kuyi-free kick bebhekene neBloemfontein Celtic yilona elivotelwe ngabalandeli njengelihle kunawo wonke.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *