Uthi ziyakhanya izindlela zeChiefs kwiChampions League oweTshakhuma

UDylan Kerr

SIHLE NDLOVU

Ubona iKaizer Chiefs izowina uma isibhekene neSimba SC emdlalweni weCAF Champions League, umqeqeshi weTshakhuma Tsha Madzivhandila, uDylan Kerr.

UKerr ukhuluma kanjena nje iqembu lakhe lithele induku Amakhosi ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesibili.

Ukuwina kweTshakhuma kuyinyusele endaweni yesithathu ukusuka emuva, nokwenza ibe nethemba lokuvika izembe.

Ngasohlangothini lweChiefs izinto azihambi kahle neze njengoba kunzima ukungena kwiTop 8.

Njengoba sekusele imidlalo emine ukuthi kusongwe isizini isayibambe endaweni yesishiyagalolunye.

Nokho izinto zibukeka ziza kahle emidlalweni yeChampions League lapho izobhekana khona neSimba ngosuku olusazomenyezelwa.

UKerr ubona izodlula iChiefs kulo mdlalo yize izinto zingahambi kahle kweyeligi. “Okokuqala ngiwina ngibhekene noGavin Hunt (oqeqesha iChiefs).

“Ngiyamzwela ngoba unomsebenzi onzima kakhulu. Unemidlalo eminingi, uneyeCAF engicabanga ukuthi iyona ebalulekile njengamanje kunokuzama kungena kwiTop 8,” kusho uKerr.

“Ngikholwa ukuthi bazoyishaya iSimba. Unesinqumo esinzima ngoba omunye umdlali ngeke akwazi ukudlala ngenxa yamakhadi. Onozinti bakhe balimele, ngakho kumele athathe izinqumo ezinzima”.

Mayelana nomdlalo wangoLwesibili uKerr uthe ujabule kakhulu ngokuthi bathole amaphuzu amathathu azobenza ukuthi bathi ukuphefumula njengoba bebhekene nezembe.

“Ngijabulela abadlali bami kakhulu, ngijabulela ithimba lethu labaqeqeshi futhi ngijabulela usihlalo, nawo wonke umuntu oxhumene neqembu.

“Ukudlala neChiefs kuhlale kuyinto onzima. Noma sebedlala ngabadlali abangu-10 bengazi ukuthi bazoqhubeka basihlasele. Bashintshele kwi 3-4-2 futhi sizithole sisenkingeni ebholeni elide abalidlalile,” kusho uKerr.

Nokho uzwakale eshaya amakhala ngephenathi etholwe yiChiefs ngemuva kwelinye lamabhola amade elifice uSamir Nurkovic odlaliswe kabi ebhokisini.

“Ukuthi bekuyiphenathi noma bekungeyona, unompempe uthathe isinqumo ukuthi bekungeyona. Ukuthi yinike eyenze eze kude kangaka kwi-fourth official bese ashintshe isinqumo sakhe, yinto engingayiqondi.

“Uma unompempe esesithathile isinqumo kumele kuqhutshekwe lapho ngoba abasizi bakhe basuke bekude kakhulu nokusuke kwenzeka,” kusho uKerr.

Email: editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.